Uhamba ezinyathelweni zikanina owemikhiqizo yezinwele
MBALI MPONTSHANE
EKHULA, umama wakhe ubedayisa uphaya namagwinya esikoleni sangakubo. Bekuthi ngezimpelasonto ahambe naye (unina) ukuyomlekelela ukudayisa edolobheni langakubo.
Lwakheke, lwakhula kanjalo uthando lwamabhizinisi kuNksz uZinhle Zulu, wasebenza ezindaweni zokucwala ikhanda ezahlukene, enzela ukwenza imali nokufunda kabanzi ngokuphatha ibhizinisi.
Uthi: “Ngisawumcwali wezinwele, umsebenzi engiwenze isikhathi eside, ngihlangane nabantu abaningi abebenezinkinga zezinwele ezahlukene. Yilapho engithole khona umcabango webhizinisi lemikhiqizo yezinwele elungele wonke umuntu.”
UNksz uZulu, waseMandeni, enyakatho yaKwaZulu-Natali, uyisungule kanjalo iZithami Hair & Beauty ngo-2019, ukusiza abantu ngemikhiqizo eyenza izinwele zabo ziqhakaze, ibulale amagciwane ehlukene ahlala ezinweleni.

Uthe usebenzisa kakhulu izinkundla zokuxhumana ukudoba amakhasimende ezindaweni ezahlukene, okubonakala kuthela izithelo njengoba ibhizinisi lakhe lilokhu liqhubeka nokwenza kahle.
“Ngibeka uNkulunkulu kukho konke engikwenzayo. Kuthi uma ngibhekana nezingqinamba eziphazamisa ibhizinisi, okukhona kuzo inkinga yohlelo lokucinywa kwagesi, ngihlalele ethembeni lokuthi kuzolunga ngoba ngiyakholwa,” kusho uNksz uZulu.
Ukhuthazwa kakhulu yimpumelelo yezinkampani okukhona kuzo i- Unilever, isikhondlakhondla senkampani yemikhiqizo eyahlukene yesikhumba esiqashe inqwaba yabantu ezweni, into naye afisa ukugcina eyenza ngebhizinisi lakhe.
Ephetha weluleke abantu besifazane abasebasha ukuzihlupha ngolwazi lwezinto abazithandayo, bacele usizo lapho abangaboni khona kahle, bese bekholelwa kuNkulunkulu – bambeke phambili kukho konke abakwenzayo.