Monday, May 12, 2025
Ezosaziwayo

Uzwa ‘ubhoko’ ngesigqi esehlukile kwi-albhamu entsha

OLWETHU MTHIYANE

ISITHANDWA sabalandeli be-afro pop edle ngesigqi esehlukile sesintu uMnqobi Yazo ukhiphe Ubhoko, i-albhamu yakhe entsha yesithathu eqale ukutholakala ezitolo ezahlukene zomculo namhlanje ekuseni. 

UMnqobi Yazo ugcine ukukhipha umculo nge-extended play esihloko sithi i-Stiff EP ngo-2021, yelama ama-albhamu akhe amabili okuqala; eyango-2020 Impi neyokuqala agqame ngayo emculweni ngo-2018 esihloko sithi Iscephu.

Exoxa noMAKA Magazine izolo emini uthe: “Le albhamu izokwehluka kakhulu kweseke ngawakhipha phambilini ngenxa yokuthi ayincikile kakhulu esigqini sesintu engaziwa ngaso. Loko ngikwenze ngamabomu ngoba nginenkolelo yokungaphindi into eyodwa, futhi angithandi ukucula ngezinto nezimo esengike ngakhuluma ngazo ngokudlule.”

Leli ciko elidabuka KwaMaphumulo, KwaZulu-Natali, lithe le albhamu inezingoma eziwu-19; okukhona kuzo ezintathu ayendlalele ngazo: Umkhov’ Etsheni apike kuyo Igcokama Elisha, Iqhude ayishaya no-Olefield Khetha neyisihloko aqambe ngaso i-albhamu ethi Ubhoko.

“Umculo angizenzeli mina, kodwa ngiwenzela abantu. Ubufakazi baloko yinqwaba yabantu abancoma indlela umculo wami osushintshe impilo yabo ngayo, abanye betusa ukuthi ubalaphe kangakanani emphefumulweni,” kusho uMnqobi Yazo owaziwa nangokulingisa.

Ephetha uthe nakuba engagxilanga ezintweni aziwa ngokucula ngazo, kodwa akakungabazi ukuthi abalandeli bomculo wakhe bazoyithokozela le albhamu ayikhiphe ngokuzimela enkampanini yakhe yomculo iYazo Entertainment. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *