Usiza izintokazi zaseBergville ukuphumelela ngokumodela
MBALI MPONTSHANE
UKWAZI nokuqonda ukuthi indawo yangakubo ibukeleleka phansi futhi iswele amathuba ezintweni eziningi kwenza ashisekele ukwenza umehluko emphakathini, asize amantombazane amancane ukuphumelela empilweni.
ULondiwe ‘uLondy’ Dladla, wase-Action Homes, eBergville, KwaZulu-Natali, wumsunguli wemincintiswano yokumodela iMiss Youth Bergville neGreen Nature KZN Beauty Pageant, acija ngayo amantombazane ukumodela nokuzethemba kukho konke akwenzayo.

Uthi: “Ngikholwa wukuthi umkhakha wokumodela akudingeki ukuthi uze ube sedolobheni ukuze ukwazi ukungena nokuchuma kuwona, yingakho le mincintiswano ngiyenza khona lapha ngakithi ukufukula intsha yamantombazane angasekhaya.”
Le mincintiswano ayiqale ngo-2017, nayenza minyaka yonke, ivumeleke ukungenelwa ngamantombazane aneminyaka ewu-15 kuya ku-22, ukuqinisekisa ukuthi yonke intombazane esencane enamaphupho ngempilo ithola ithuba lokufunda okuningi kuyona.
ULondy naye omodelayo uthe ngaphandle kokucija nokufukula onobuhle abasebancane, ufuna ukungenela, anqobe umncintiswano iMiss South Africa eminyakeni ezayo ukusiza ukuqhubeka nokufukula intsha yangakubo.
“Ukuphumelela kwami ngize ngifike kulelo zinga kuyosiza kakhulu ukufukula nokukhuthaza izingane zangakithi, nazo zigcine zincintisana nonobuhle bamazwe omhlaba, zibeke indawo yangasekhaya ebalazweni,” kusho uLondy.
Ephetha ukhale ngokuthi akalekelelwa muntu ngakubo kulezi zinhlelo azenzayo, okwenza angakwazi ukuzenza ngendlela afisa ngayo, kodwa wathi yize kunjalo akazuphosa ithawula ngoba yinto esenhlizweni yakhe.
Kuhle okwenzayo Madladla ,ngelinye ilanga kuyokwezeka konke okufisayo ngentsha yangakithi likhulu iqhaza olibambile sengfisa sengathi nabanosizo bangasondelana nawe🙏🏾