Wena Ubona Kanjani?

Phinde ingiphuthe ingosi ‘Sihleli Ekhoneni kuKhozi FM’

KUYO le ngosi izolo ngithe ngiwumuntu othanda umsakazo ngendlela yokuthi kunzima ukusho ukuthi ngicheme namuphi umsakazo ngoba ngilalela imisakazo eyahlukene futhi kwesinye isikhathi angizikhethi izinhlelo engizilalelayo.

Ukwenza kwami njalo ngibonile ukuthi kwenza ngiphuthwe ngezinye izinhlelo ezihlabahlosile ngoba ngigxile kulezo esengazejwayeza ukuzilalela. Kumele ngiyigade impela leyo nto kubhekwe phambili ukuze ngingaphuthwa yizinhlelo nezingosi ezimqoka nezihlabahlosile zeminye imisakazo.

Okwenza ngisho kanje wukuthi uze waphela unyaka odlule, njalo ngoLwesine ngo-8 ebusuku ngihlale ngibona abantu bebhala ngengosi iSihleli Ekhoneni kuKhozi FM. Bengihlale ngizibuza ukuthi engabe kuhlalwe emakhoneni nje kwenziwani? Uze waphela golokoqo u-2023, do impendulo!

Ngesonto elidlule ngithe ake ngizinike isikhathi ngizwe ukuthi kusuke kuxoxwani kule ngosi engena ohlelweni Ubusuku Obuhle noSiya Mhlongo. Kwathi angizishaye phansi, ngidinwa wukuthi unyaka wonke odlule ngiziphuthisele ngobumnandi obungaka!

Ngiphinde ngayilalela futhi izolo le ngosi. Ekulaleleni kwami ngesonto elidlule nayizolo ngiqaphelile ukuthi igxile kakhulu ezihlokweni ezithinta abantu abasha, lapho intsha eyingxenye yayo izidingidinga, iphikisane, ibonisane futhi icathulisane ngolwazi.

Kungihlabe umxhwele ukuzwa uhlelo olunje oKhozini FM ikakhulu ebusuku lapho abantu abaningi sebesemakhaya, belalele umsakazo. Le ngosi ingikhumbuze uhlelo iState Your Mind olwalwethulwa wuNomfundo Mkhize kuwo lo msakazo.

Kungijabulise kabi ukuzwa ukuthi zisekhona izinhlelo noma izingosi lapho abantu abasha beminxa eyahlukene yokuphila behlangana, baxoxe ngezinto nezimo ezithinta bona ngqo!

UVUMANI Makhaye, uMinenhle Ngubane, uGubhela, uZama Mngadi, uZaino Diaz no-EwandyK bengosi Sihleli Ekhoneni kuKhozi FM. Izithombe: Zithunyelwe

Ngikuthandile nokuthi le ngosi idlala cishe ihora lonke, kanti futhi abantu abasha abayisithupha abayingxenye yayo abaphazanyiswa wumuntu, bakhuluma ngokukhululeka, basho abakucabangayo nabakwaziyo ngesihloko sosuku nosuku.

KuNduduzo ‘uGubhela’ Mkhize, uVumani ‘uVee’ Makhaye, uMhlali ‘EwandyK’ Khanyile, uMinenhle ‘i-Advocate’ Ngubane, uZama Mngadi noZaino Diaz abayingxenye yale ngosi; ngithi ibambe ngakho, ningabe nisayiphunyula zingane zakwethu!

Ngiyabonga kakhulu enhlanganweni yokusakaza iSABC, Ukhozi FM, wumethuli wohlelo uSiyabonga ‘uSiya’ Mhlongo, abadidiyeli bohlelo oSiyanda Hadebe noNomfundo Mkhize, nawo wonke umuntu obamba iqhaza empumelelweni yale ngosi.

Ngifisa ukuthi le ngosi iqhubeke kanje, ingaphazanyiswa ngokuyinonga ngezinto ezingenza ingabe isaba ngeyikho manje. Abayekwe kanje laba bantu abasha bakhulume ngokukhululeka; kuningi okuhle esikufundayo kubona. 

WENA UBONA KANJANI?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *