Monday, June 16, 2025
Ezosaziwayo

Owodumo lweScandal! uzojoyina iGenerations

UQWEQWE lomlingisi owazakhela udumo ngokulingisa emdlalweni wakwi-etv iScandal! – uKgomotso Christopher usejoyine intandokazi yomdlalo wakwiSABC 1 iGenerations: The Legacy.

Esitatimendeni esisanda kushicilelwa emakhasini eGenerations ezinkundleni zokuxhumana, kuvele ukuthi uKgomotso uzolingisa uKea Moloi, iwele likaKhumo Moroka olingiswa ngenye inkakha kwezokulingisa u-Aubrey Poo.

UKGOMOTSO Christopher uzolingisa uKea Moloi, iwele likaKhomo Moroka olingiswa wu-Aubrey Poo kwiGenerations: The Legacy. Izithombe: Zithunyelwe

Ecashunwa esitatimendeni uKgomotso uthe okwenza ajabule kakhulu ngokujoyina iGenerations: The Legacy wukuthi waqala ukugqama kwezokulingisa khona kwaSABC, esalingisa emdlalweni osuwaphela Isidingo ngo-1998.

“I-SABC ibe yikhaya kimi iminyaka eminingi, ngakho ngiswele amaphiko okundiza ukujabulela ukuzosebenza lapho engaqala khona ukuzibonakalisa kwezokulingisa,” kusho uKgomotso.

Eqhuba uthe usekubheke ngabomvu ukusebenza nabalingisi abanekhono eliyisimanga bakulo mdlalo ophekwa yiMorula Pictures kaMfundi Vundla.

Uthe: “Sengijahe kabi ukungena ezicathulweni zikaKea, futhi ngibonga kakhulu kubabhali nabadidiyeli bomdlalo ngokungakhela lendawo esengihluleka nawukulinda ukuyikhulisa.”

UKgomotso uzoqala ukubonakala kwiGenerations: The Legacy kusuka ngoMashi 14, kanti ngenyanga ezayo uzobonakala emdlalweni omusha wakwiMzansi Magic iChampions, ezoqala ukukhonjiswa ngoFebhuwari 5 ngo-7 ebusuku.

Ngaphandle kweScandal, Isidingo, yiChampions neGenerations: The Legacy – uKgomotso ulingise nakwi-4 Play: Sex Tips for Girls (ngo-2020), iLegacy (ngo-2020) neFatal Seduction (ngonyaka odlule).

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *