Wednesday, May 14, 2025
Wena Ubona Kanjani?

Basakazi hloniphani amaciko apikiwe ezingomeni

NGOKUJWAYELEKILE le ngosi siyishicilela kanye njalo ngoLwesihlanu, kodwa kuloku ngibone kusemqoka ukuthi iphume khona namhlanje ngoba kune nto osekuyisikhathi eside ingihlupha emoyeni wami. 

Ngake ngakuveza phambilini ukuthi ngikhule ngilalela umsakazo futhi ngisawukhonze kakhulu namanje, yingakho ngiphatheka kabi uma ngizwa ezinye izinto zenzeka ngendlela engikholwa wukuthi ayilungile futhi ingagwemeka.

Ukuthanda kwami umsakazo kwenza ukuthi ngingakhethi ukulalela izinhlelo ezithile kuphela. Ngiyaye ngizinike isikhathi ngilalele imisakazo eyahlukene; kungaba eyomphakathi, ethathwa ngokuthi mikhulu – ngisho neyaseGoli imbala.

Ekulaleleni kwami imisakazo eyahlukene ngaleyo ndlela kunephutha engiliqaphelayo, eseliphenduke umkhuba cishe wabo bonke abasakazi. Bengithi abanye, ikakhulu abaphathi bezinhlelo bazowukhuza lomkhuba kodwa ngiyabona ukuthi nabo abanakile.

Abasakazi banomkhuba omubi abawenzayo, engicabanga wukuthi udalwa wukunganaki, wokuthi uma bememezela ingoma yomculi othile ngaphambi noma ngemva kokuyidlala emoyeni, bangamusho umculi opikiwe kuyona.

Ngizokwenza isibonelo. Kunengoma ethandwa kakhulu ethi iPlan. Le ngoma ekaDlala Thukzin, kanti upike kuyona uZaba noSykes. Kodwa abasakazi abaningi bavele bathi wuDlala Thukzin ethi iPlan, bangababali laba abapikiwe kuyona.

Abantu abaningi bangangayinaka le nto engiyishoyo kodwa imbi kakhulu, futhi ngiyibona iwukwedelela nokubukela phansi abaculi noma amaciko asuke epikiwe ezingomeni zamaciko athile ngokwehlukana kwazo. 

Yilelo nalelo ciko elisengomeni ethile, noma ngabe bawu-10 engomeni eyodwa, kunomsebenzi obalulekile abasuke bewenzekile ngakho akungathi uma umsakazi esememezela ingoma ukuthi ishaywa wubani, abashiye ngaphandle abanye.

Thina balaleli sithembele kubasakazi ukusithekela ngolwazi lwezinto ezahlukene, ngakho kuyiphutha elikhulu ukuthi basidukise futhi basidide kanje kwezinye izinto okubalwa nalena engibhala ngayo engosini yanamhlanje.

Ngenxa yokuthi inhloso akukhona ukugxeka ngendlela engakhi, angizukubala noyedwa umsakazi engike ngimuzwe enza le nto engikhala ngayo. Bayazazi! 

Ngiyafisa futhi ngiyacela ukuthi abasakazi baziqaphele izinto ezinjengale engikhuluma ngayo lana. Ungayishaya indiva uma uwumuntu ongahlakaniphile nongaqapheli, kodwa yona isemqoka kakhulu. 

Kuningi okunye okuphuma esandleni nokuhle engikuqaphelayo njengoba lungapheli usuku ngingawulalelanga umsakazo, engizobhala ngakho ngokuqhubeka kwesikhathi. 

WENA UBONA KANJANI? 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *