UNaledi uzodedela ingoma yokubonga abamchumise kwezomculo
INTOKAZI eza ngamandla kwezomculo kulandela ukuchuma nokuduma kwayo ngonyaka odlule uNaledi Aphiwe uzokhipha ingoma ethi Ngiyabonga, ukubonga bonke abantu ababambe iqhaza empumelelweni yakhe yomculo.
UNaledi (17) waseNanda, enyakatho yaseThekwini, ugqame emculweni ngonyaka odlule, emva kokusabalala kwe-video yakhe ecula, yaze yabonwa yisihlabani somculi waphesheya kwezilwandle uChris Brown, wasebenzisa iphimbo lakhe engomeni ethi Shooter ekwi-albhamu yakhe i-11:11.
Le ntokazi eyenza uMatikuletsheni eKhethokuhle Secondary, khona eNanda, ibhale ekhasini layo leFacebook namhlanje emini ukuthi ngale ngoma ezophuma ngoLwesihlanu, ibheka emuva lapho esuka khona ngothando lwayo lomculo.
Ibhale yathi: “Le ngoma iwumthandazo wami osuka ekujuleni kwenhliziyo yami wokubonga impumelelo yami yangonyaka odlule, lapho ngize ngabonwa ngamaciko amakhulu, noChris Brown imbala.”
“Ngaphezu kwaloko, ngibonga ngayo iphimbo lokucula nothando lomculo engikuphiwe wuNkulunkulu,” kubhala uNaledi Aphiwe Myongwane ongudadewabo omncane kaNontokozo Mkhize, naye onekhono elimangalisayo lokucula.
Ngaphandle kwale ngoma ethi Ngiyabonga, uNaledi waziwa ngengoma ethi Zojik’ Izinto ayishaya noFezeka Dlamini nethi Uyangijabulisa nayo ayishaya noFezeka noNomfundo Moh.