Ezosaziwayo

UZe2 utusa igalelo likaRussell Zuma emculweni wakhe

OLWETHU MTHIYANE

KUNABANTU okuthi ngokuhlangana noma ukuxoxa nokusebenza nabo ezintweni ezithile sizuze lukhulu kubona; ukuhlangana kwethu nabo kulethe umehluko noguqukuko empilweni yethu. 

Kube njalo nakumculi we-afro pop nama-piano uZe2, othi ukuthola ithuba lokuqopha, akhiphe izingoma noRussell Zuma kuze nomkhulu umehluko ebucikweni bakhe, kwenza amaciko amaningi amhlonipha, nabantu bameseka ngokwedlulele.

Uthe: “Ukusebenza naye (uRussell) kwenze ngazizwa ngiphumelele, ngabona ukuthi iphupho lami lomculo liyafezeka, futhi kungisize kakhulu ukuqhakambisa igama lami emculweni.”

UMCULI wama-piano uRussell Zuma otuswa wuZe2 (okwesingenhla) ngeqhaza alibambe ukuthuthukisa ubuciko bakhe. Izithombe: Zithunyelwe

Le ntokazi yaseMlaza, eningizimu yaseThekwini, eqopha enkampanini ka-Oskido iLegend Jive, ikhuluma kanjena nje kulandela umbhalo ewufake ekhasini layo leFacebook, lohla lwezingoma eziwu-12 esebenze kuzo namaciko ahlukene abayipikile nebiwapikile ngonyaka odlule.

Kulezo zingoma kukhona iSendonele kaDarque, iSiyabonga ka-Omit ST neMajor League DJz, iNgiyakuhlanyisa yeChip Kings, iKuzolunga kaKing Tone, iLiyeza kaSipho Magudulela nenye yazithanda kakhulu i-Okokugcina ayishaya noYoung Stunna.

Asebenze kuzo noRussell Zuma yi-Akuvumi ka-Oskido noDeep Sen nethi Inyembezi kaDeep Sen noKing Talkzin. Ezinye yi-Amalunde ka-Oskido noKabza De Small, yiWena Kuphela, iGowa ne-Ow Yeah (zontathu) azishaya noX-Wise no-Oskido.

Ephetha uthe uhlela ukuqhubeka akhiphe izingoma kusuka ngenyanga ezayo, ukusiza ukwandisa isibalo sabalandeli bomculo wakhe okuzokwenza kube lula uma esekhipha i-albhamu yakhe yokuqala angakujahile ukuyidedela okwamanje.  

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *