Sithini isiNtu? Kunaba uGubhela ngenkondlo
OLWETHU MTHIYANE
UKWANDA kwezigameko zokuluthwa kwabantu imali ‘ngabelaphi bendabuko mbumbulu’ nempikiswano ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi isiNtu yini, ngezinye zezizathu ezenze ‘isithandwa sabalandeli bezinkondlo’ sakhipha inkondlo ezohluba udlubu ekhasini ngaloko.

Imbongi uGubhela, waseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, uthi usekhathele ngamanga nokudukiswa kwabantu ngabathile abazenza ‘osiyazi’ ngendlela yokwenza yesiNtu, yingakho ekhiphe le nkondlo namhlanje ukubafundsa ukuthi izinto zenziwa kanjani.
Uthi: “Ngenze ngamabomu ukuthi isihloko sayo (inkondlo) sithi IsiNtu ngenxa yokuphambana kwemibono obekwenzeka ezinkundleni zokuxhumana ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Ngiyazi ukuthi isihloko (senkondlo) sizodonsa amehlo abantu abaningi, ngoba becabanga ukuthi bayazi ukuthi ngizokhuluma ngani kuyona.”
Eqhuba uthe okwenza akholwe wukuthi kuningi angakusho ngokukhululeka ngesiNtu wukuthi ukhuliswe wuGogo noMkhulu, encela ulwazi oluningi kubona ngendlela elungile yokwenza izinto nokuthi kwakuphilwa kanjani eminyakeni eminingi edlule.
UGubhela oneminyaka ewu-15 ehaya izinkondlo, nonendondo ye-Best Poet yamaSATMA Awards yango-2019, ukhipha le nkondlo nje, useqalile ukunyakazisa abalandeli bobuciko bakhe njengoba esanda kuveza ukuthi usemalungiselelweni omcimbi wakhe wezinkondlo iNanku Umbhalo One Man Poetry Show.
Owalo nyaka (umcimbi) uzoba se-ICC, eThekwini, ngoMgqibelo kamhla ka-23 Mashi. Kuwona uzohambisana namaciko okukhona kuwo uMandisa Cebekhulu, uNobuhle Khuzwayo noTS Gwazela – kanti amathikithi aseqalile ukudayisa eWebtickets ngoR150 (abazowathenga kuqala), uR200 (kwabahambele lo mcimbi phambilini), uR250 i-general noR350 i-VIP.