Thursday, July 18, 2024
Ezosaziwayo

UMthunzi uveza okwenze wakhipha i-albhamu noKabza

‘LE albhamu isheshe ukwedlula zonke izingoma esengike ngazikhipha phambili ngenxa yokuthi bengiyenza nomuntu ohlale ematasa ngakho bekumele ngiqinisekise ukwenza akholwe wukuthi angifuniseli ngengikwenzayo.’

Sisho kanje isithandwa sabalandeli be-house nama-piano uMthunzi Ndimande ngenkathi enaba ngokusebenza noKabza De Small, akhiphe naye i-albhamu esihloko sithi Isimo – edidiyele izingoma ezisiyisishiyagalolunye okukhona kuzo nethandwa kakhulu ngabantu ethi Imithandazo.

UMCULI uMthunzi nophrojusa uKabza De Small benza ezibukwayo nge-albhamu yabo entsha ethi Isimo.

UMthunzi ogqame emculweni ngo-2020 nge-albhamu yakhe yokuqala ethi Selimathunzi; egabe ngamanoni athi Insimbi, Uhlale Ekhona neNgibambe La – uxoxe noMAKA Magazine emva komcimbi abenandisa kuwona eThe Station Urban Event Space, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.

Uthe: “Okunye okwenze kwamnandi ukusebenza naye wukuthi uwumuntu onamahlaya futhi okhululekile, kwasiza ukwenza sisheshe ukujwayelana. Ngiyakhumbula ukuthi siqala ukusebenza, senza izingoma ezintathu ngosuku olulodwa, yonke into yenzeka ngokushesha.”

Uveze nokuthi baqopha izingoma eziwu-10, kwathi ngokuzwa zimnandi zonke – bavumelana ukukhipha le albumu ephume ngo-Okthoba abasebenze kuyona noDJ Maphorisa, uMaWhoo, uSizwe Alakine, Umthakathi Kush noYoung Stunna.

“Siqala ukusebenza besiqopha nje izingoma singenahlelo oluqondile lokuthi sizozikhipha nini futhi kanjani, kangangokuthi kwasihloko se-albhamu sanquma ngaso ekugcineni sesiqede yonke into njengoba ingekho ingoma esihloko sithi Isimo. Lezo zinhlamvu (isimo) zizakwala kancane engomeni ethi Bonga,” kusho uMthunzi.

Ephetha uthe kumjabulise kakhulu ukubona abaculi abaningi asebenze nabo kulo nyaka bekhipha izingoma abampike kuzona. Uthi: “Loko kwenze ngabona ukuthi umsebenzi engiwenzile uyancomeka ngoba bebengaziyeka bengazikhiphi uma zingabagculisi; manje sengibheke ukuqhubeka nomsebenzi wami ngonyaka ozayo.”

Ngaphandle kwale albhamu ayishaya noKabza, iphimbo likaMthunzi lizakwala kwi-albhamu ka-Azana ethi Igagu, ekaMaWhoo i-The Chosen, eye-Artwork Sounds iMusic & Love nekaDeep Sen noKing Talkzin ethi Amandla – ukukha nje phezulu. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *