Monday, June 16, 2025
Wena Ubona Kanjani?

UPenuel noMashabela bangihambela bodwa kwiYouTube

EMASONTWENI ambalwa edlule kuyo le ngosi ngaveza ukuthi ngiwumuntu ongacucuzi ngento ayithandayo nangayithandi; ngikubeka obala okwezinqa zesele ukuthi into ngiyayifuna noma cha, futhi angibi nandaba nokuthi omunye umuntu uzocabangani ngaloko.

Ukufakazela loko ngithi angiveze nokuthi uma ngithanda into angibi nandaba nobukhulu nobuncane babanye abantu abayithandayo; ngima nayo ngisho ngabe yimi nedlanzala kuphela esithanda leyo nto noma umuntu othile ngenxa yemisebenzi ayenzayo.

Ngendlalela kanjena nje ngiqonde ukuzoncoma ubuhle bomsebenzi owenziwa wuDavid Mashabela kwi-podcast yakhe yeYouTube iKing David Studio Podcast noPenuel Mlotshwa kwi-The Penuel Show.

UPENUEL Mlotshwa we-The Penuel Show.

Ngigcina ukubheka izolo namhlanje ekuseni, i-The Penuel Show ibinabalandeli abangaphezu kwa-134 000 kuthi iKing David Studio Podcast yona ibe nabangaphezu kwa-143 000.

Uma uwumlandeli wama-podcast akwiYouTube uzongifakazela ukuthi maningi amanye anabalandeli abangaphezu kwalawa amabili engikhuluma ngawo, kodwa kimi akusho lutho loko ngoba into angiyithandiswa wubuningi babantu abayilandelayo kuphela, kungaphezu kwalokho okwenza ngihlabeke umxhwele noma ngingahlabeki. 

UDAVID Mashabela weKing David Studio Podcast.

Okwenza ngithande lama podcast amabili kakhulu kunawo wonke amanye amaningi esengike ngawabuka, yindlela abethuli bawo abazimisela ngayo ukwenza ingxoxo ibe mnandi kuleso naleso simenywa abasuke besibizile ezinhlelweni zabo.

Kungihlaba umxhwele nobude bezingxoxo zabo (okuke kwenzeke isiqephu sisodwa seve emahoreni amathathu), ngoba kusinika ithuba lokuqonda kabanzi ngesimenywa abasuke besimemile ngaleso sikhathi, sazi nebesingakwazi nhlobo ngaso. 

Ngicabanga ukuthi loko ngezinye zezinto ezenza iKing David Studio Podcast ne-The Penuel Show ebe semgangathweni kangaka kimi, nokuthi abethuli bawo bahluke nangokusilethela abantu abangekho emehlweni ethu kodwa abenza imisebenzi emihle emphakathini, nokukhuthaza kakhulu uma uwumuntu omusha onamaphupho ngempilo, kanti nobuhlakani babo bokubuza imibuzo enobuchule nangobunyoninco – kwenza izingxoxo zabo zihlabahlose kakhulu. Uyancomeka umsebenzi wenu madoda!

Kuzo zonke iziqephu ze-The Penuel Show esengizibukile, ngahlabeka umxhwele kakhulu mhla ememe uMandisa Mashego, uNhlanhla Lux, u-Ike Khumalo, uDkt uBonke Sumbulu, uDJ Warras, uMelody Miya noJoshua Mamponga.

KwiKing David Studio Podcast ngisengaphinda ukuyobuka isiqephu sikaCeleste Ntuli, esikaDuma Ndlovu, uDkt uLindelani Mkhize, u-Andile Gaelesiwe, uGabriel Temudzani, u-Ayanda Borotho, uDkt uNoxolo Grootboom noBenjamin Dube.

Sengiphetha ngithi angethulele isigqoko amanye ama-podcast akwiYouTube engikholwa wukuthi nawo enza kahle kakhulu; lapho ngibala iNkululeko n’ Cultr kaNkululeko Nkewu, yiPodcast and Chill kaMacG, i-The Hustlers Corner kaDJ Sbu, iSMWX kaDkt uSizwe Mpofu-Walsh, iMoments with Mantsoe neGogo Skhotheni Podcast.

WENA UBONA KANJANI?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *