Kuzocotshelelwa intsha yaKwaDukuza namaphethelo ngokubhalwa kwezincwadi
INTSHA yesifunda iLembe, ikakhulu eyaKwaDukuza, izothola ingqayizivele yethuba lokucotshelelwa ngolwazi lokubaluleka kokubhala nokufunda izincwadi emcimbini iLembe Book Festival, ozoba seLuthuli Museum, KwaDukuza, mhla ka-1 kuya ku-3 Febhuwari wonyaka ozayo.
Lo mcimbi waminyaka yonke, osiqubulo sithi “Our Time, Our Stories, Our Voices” (isikhathi sethu, izindaba zethu, amaphimbo ethu), okuzobe kungokokuqala wenziwa, uhlelwe ngamaciko asezakhele igama ngokubhala izincwadi oNozizwe Cynthia Jele, wuDudu Busani-Dube no-Ayanda Xaba.
UDudu wodumo lochungechunge lwezincwadi i-The Hlomu Series, uthe ujabule kakhulu ngokuthi uzosebenzisa uthando lwakhe lwezincwadi nokuzifunda, ukucobelela intsha yesifunda iLembe.
“Awukho umcimbi ofuze lona kulesi sifunda futhi kuwumsebenzi wethu singabhali bezincwadi ukukhuthaza usiko lokufunda emphakathini, iningi lawo onganakiwe. Ukufunda kuvula umqondo womuntu, kwenze afunde izinto eziningi. Ngakho ukuze sivuselele usiko lokufunda ezinganeni, kumele senze kube lula kuzona ukufunda izincwadi, futhi sibhale izindaba ezizozithinta,” kusho uDudu.
UNozizwe wodumo lwencwadi ethi Happiness Is A Four-Letter Word, uthe ukuthanda kwakhe izincwadi kwenze wafisa ukudlulisa ulwazi emacikweni asafufusa nasafuna ukuchuma njengaye kule ndima.
Uthi: “Izingane ziyashesha ukubamba ezifundiswa kona; kanti enye yezindlela engasiza ukutshala usiko lokufunda kuzona, wukubonakala sifunda izincwadi, sikhombise intshisekelo yethu ngazo nokuthi sithengele izincwadi, sizifundele.”
U-Ayanda Xaba wodoumo lwencwadi ethi Through Her Eyes, uvumelane noNozizwe ekutheni izingane zilingisa ezikubona kubantu abadala, ngakho kubalulekile ukuthi zibabone befunda ukuze zikhuthalele ukufunda.
“Ukufunda kusiza ukuvula umqondo womuntu futhi kulekelela ukuthi izingane zazi ebezingakwazi, zikhohlwe yizinto ezingalungile futhi zijabule. Kusiza nangokuthuthukisa ubuciko namathalente azo ehlukene,” kusho u-Ayanda ngamafuphi.
Kulo mcimbi ohlelwa yinhlangano engenzinzuzo ekhuthaza ukufunda nokubhala izincwadi iHappy Literacy Foundation, uNozizwe noDudu abayingxenye yayo, kuzoba nezigcawu sokucobelana ngokubhala izincwadi mhla ka-1 no-2 Febhuwari, kuhanjelwe izikole kukhuthazwa abafundi ukufunda izincwadi, baphiwe nezincwadi zababhali abehlukene.
Umcimbi omkhulu uzoba ngoMgqibelo kamhla ka-3 Febhuwari; lapho okuzoxoxwa khona ngokubhalwa kwezincwadi, ababhali abehlukene bacobele izihambeli ngolwazi, kwethulwe izincwadi ngokusemthethweni, kanti nosomabhizinisi bendawo bazothola ithuba lokudayisa imikhiqizo yabo eyahlukene.
UNozizwe uphethe ngokuthi: “U-2024 wunyaka wesi-30 iNingizimu Afrika yaqala ukubuswa ngentanto yeningi, futhi kuningi osekushintshile ngokuthi wubani okwazi ukuxoxa izindaba zethu, ngakho kumele kukhuthazwe ukubhalwa nokwesekwa kwezincwadi ezibhalwe ngezilimi zase-Afrika, futhi yiloko esikuhlose ngalo mcimbi.”