Liqhakazile ikusasa likaCnethemba Gonelo, uNontokozo Mkhize noZe2
KUZO zonke izinto engizenze kulo nyaka, ayikho into engiyenze kaningi noma isikhathi eside njengokulalela umculo. Loko kungenxa yothando enginalo hhayi ngomculo kuphela, kepha ngobuciko jikelele.
Ekulaleleni kwami umculo owehlukene ikakhulu owaseNingizimu Afrika okuyiwona engiwulalela kakhulu, kunamaciko angihlabe umxhwele ngendlela azinikele ngayo ukusibusisa ngokudla kwendlebe; aselapha nemiphefumulo ngomculo wawo.
Ngingeke ngawabala wonke amaciko angibusisile kulo nyaka ngenxa yobuningi bawo, nokuthi ngingagcina ngingakwedlulisanga engisophe ukukwedlulisa engosini yaleli sonto.
Ngaphambi kokuqonda kwengibheke kukho, ngithi angethulele isigqoko wonke amaciko akhiphe umculo kulo nyaka; ngokwehlukana kwemikhakha yawo. Umculo udlala indima enkulu ukuselapha imiphefumulo, ukusiduduza nokusijabulisa – ngakho kuyajabulisa ukubona amaciko akithi ezikhandla kangaka ukuqinisekisa ukusigculisa.
Ukubuyela ephuzwini lami losuku; ngithi angisho ukuthi angisona isangoma, angibhuli ngakho engizokusho kungenzeka kungabi ngqo ngale ndlela engizosho ngayo, kodwa izizathu enginazo ngakho zenza ngikholelwe ngokuphelele kukho.
Ekulaleleni kwami izingoma ezahlukene neziningi zama-piano ne-afro pop kulo nyaka, ngihlabeke umxhwele kakhulu ngoCnethemba Gonelo, uNontokozo Mkhize noZethu Nhlangulela ozibiza ngoZe2 emculweni.
Muhle umsebenzi abawenze ezingomeni zamaciko ahlukene abebapike kuzona.
Ngaphandle kokuhlanzeka nobumtoti bamaphimbo alezi zintokazi, okunye okungigculisa ngazo yindlela ezibhala ngayo izingoma, okwenza umuntu olalele leyo naleyo ngoma ezisuke zikuyona, angeneli wubumnandi.
Ngamafuphi nje; ngingasho kugcwale umlomo ukuthi ziphiwe (lezi zintokazi) futhi zizoya kude kakhulu ngomculo uma ziqhubeka kanje. Empeleni ngokwami, ziyingxenye yamaciko azokwenza ezibukwayo ngonyaka ozayo, inkani nje uma zingeke ziphazanyiswe yilutho emculweni wazo nasempilweni yazo yangasese.
Kongakaze athole ithuba lokuzwa uCnethemba Gonelo; ngicela alalele ingoma ye-Artwork Sounds ethi Njalo, Amandla ne-Athandwe zeSoa Family, yi-Embo kaDarque, Amanxeba neKurhula zikaKelvin Momo.
Kongakamuzwa kahle uNontokozo Mkhize; ngimthuma ukulalela ingoma yakhe noMhaw Keys ethi Ungowami nethi Lu Strong apike uNomfundo Moh kuyo, yiThixo kaSjava neKuhle kaLady Amar.
Kanjalo nofuna ukuzwa engikusho ngoZe2; akadlale ingoma yakhe ethi Okokugcina nethi Wena Kuphela, iLiyeza kaSipho Magudulela, yiSendonele kaDarque, Amalunde ka-Oskido, Inyembezi ne-Akuvumi zikaDeep Sen noThalkzin.
Uma senenze kanjalo nibuye nizosho ukuthi NIBONA KANJANI…