Sunday, July 13, 2025
Ezosaziwayo

UNolitha noNandi badalula amaqhinga okulingisa ‘ukuba ngamakhosikazi’

ABALINGISI ababili bomdlalo wakwi-etv Isitha: The Enemy, sebephumele obala ngamaqhinga nobuchule abakusebenzise ukulingisa izindawo zomama abaganile, into abangesiyona nabangakaze bayenze empilweni yabo yangempela.

Labo ngoSibonginkosi Tenza olingisa uNandi Sokhulu, unkosikazi kaKhaya Sokhulu (olingiswa wuZamani Mbatha) noSibulele Ntlebi olingisa uNolitha Sokhuliu, unkosikazi kaChuma Sokhulu (olingiswa wuThobani Nzuza) emdlalweni.

Engxoxweni ekhethekile noMaka Magazine, bahlube udlubu ekhasini ngalezi zindawo abazilingisa kulo mdlalo okhiqizwe yiBlack Brain Productions kaMandla N, noqale ukukhonjiswa ngoMeyi uqhubeka kosuwaphela i-The Black Door.

USIBONGINKOSI Tenza.

USibonginkosi (24) waseMgungundlovu, KwaZulu-Natal, uthe usizwe wukuthi abazali bakhe sebeneminyaka engaphezu kwa-30 beganene; okwenze kwalula ukubuza nokufunda kubona ukuthi kuphilwa kanjani emendweni.

“Nanokuthi ngaphambi kokugxila ekulingiseni emidlalweni yethelevishini, ngilingise kakhulu emidlalweni yeshashalazi, ngidlala izindawo eziningi ezahlukene ezenze ngacijeka ukukwazi ukulingisa noma iyiphi indawo engiyinikwayo,” kusho uSibonginkosi olingisa nakwiProof of Payment ekhonjiswa kwi-Amazon.

USIBULELE Ntlebi.

USibulele (26) wase-East London, e-Eastern Cape, yena uthe uphoqeke ukwenza ucwaningo olunzulu ngokuthi abantu abashadile baphila kanjani, ehamba exoxa nabantu abaganene emphakathini ukuthola kabanzi ngempilo yabo yansukuzonke.

Uthe: “Akulula neze njengoba abantu becabanga, sebebona kumnandi kwithelevishini. Mkhulu kakhulu umsebenzi esiwenzayo ukuqinisekisa ukuthi umkhiqizo wokugcina uyakholakala futhi ugculise ababukeli bomdlalo ngaso sonke isikhathi.”

“Okunye okungilekelele kakhulu wukuthi uNolitha wehluke kakhulu kuSibulele; okwenze ngazikhandla ukuqinisekisa ukwenza okufunekayo ukuze indawo engiyilingisayo ihlonipheke futhi ikholakale kwababukayo,” kulanda uSibulele.

Laba balingisi babonge kakhulu kozakwabo bakulo mdlalo ngokubumbana nokwesekana ngaso sonke isikhathi ukwenza umsebenzi wabo ube yimpumelelo; baveza nokuthi bahlale bendawonye ngisho bengekho emsebenzini ukusiza ukuqinisa ubudlelwano babo nokwenza kube mnandi uma sebesemsebenzini.

Isitha: The Enemy sikhonjiswa kwi-etv ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-9:30 ebusuku, kanti abanye abalingisa phambili kusona woThandeka Dawn King (uNomcebo Ngwenya), uLinda Sebezo (uRebecca Mabuza), uKhanyisani Kheswa (uMbuso Ngwenya), uVelephi Mnisi (uNomsa Sokhulu), uNonkululeko Mbatha (uThenjiwe Sokhulu) noKwanda Manyathi (uVelaphi Sokhulu) ukukha phezulu. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *