UMiss SA uzonikela ngomfundaze kaR1.5 million kwabazofunda eBoston
INTOKAZI ephethe isicoco seMiss South Africa uNatasha Joubert usethule isigaba sokuqala somfundaze kaR1.5 milloon azoxhasa ngawo izitshudeni eziwu-27 ezizokwenza imikhakha eyahlukene esikhungweni wemfundo ephekeme esizimele iBoston City Campus.
Ngalo mfundaze i-The Study Buddy, kubekwe futhi uR500 000 wokuxhasa izitshudeni eziwu-15 ezivele zifunda eBoston City Campus, ukusiza ukwehlisa umthwalo emalini yezindleko zokufunda kwazo.
UNatasha (26) oneziqu zeBachelor of Commerce yaseBoston City Campus and Business College, uthe loku ukwenza ngoba eqonda ukuthi ngaphandle komfundaze naye wayengeke akwazi ukuphothula imfundo yakhe ephakeme.
“Ukuqhubeka nemfundo akumele kube yinto eyenzeka kwidlanzana akuphela, ngakho wumsebenzi wabantu okubalwa nami kubona – ukuqinisekisa ukubamba iqhaza lokuthi abanye abanothando lokufunda banganqindwa wukungabi namali,” usho kanje.
Lo mfundaze uvulekeke kubafundi abaneminyaka ewu-18 kuya phezulu; kanti abazohlomula kuwona bazokhokhelwa izindleko zokufunda zonyaka wonke kulesi sikhungo esisungulwe ngo-1991 nesinemikhakha engaphezu kwa-25 nezitshudeni ezingaphezu kwa-20 000 ezifunda kusona manje.
“Ngifuna lo mfundaze uvuleleke kwizitshudeni zemikhakha eyahlukene yingakho sizoxhasa izitshudeni ezizokwenza izifundo okukhona kuzo iContent Creation, yiTelevision Production, yiFinancia Planning, yiBusiness Management, yiMarketing Practices nezeParalegal Practices,” kusho uNatasha.
UNksz uNozicelo Ngcobo, inhloko yePublic Relations eBoston City Campus, uthe abantu abasha babhekene nezinselelo eziningi ezenza impilo yabo ibe nzima, yingakho bengacabanganga kabili ukuba yingxenye yohlelo lwalo mfundaze.
Ukufaka izicelo zalo mfundaze, ungena kwi-website ethi: www.boston.ac.za kanti uhlelo lwezicelo luvulwe kusuka manje kuze kushaye umhla ka-15 Januwari wonyaka ozayo.