Ikwaya laseSoweto nomcimbi wokuxhumanisa iminxa eyahlukene yomculo
IQEMBU lomculo eselineminyaka liyibambile endimeni iSoweto Central Chorus, lihlela umcimbi wedili lomculo, iSoweto Central Chorus and Friends; onhloso yawo wukujabulisa abathandi bomculo ngokuhlanganisa amaciko eminxa eyahlukene, linandise ndawonye nawo esiteji.
Kulo mcimbi ozoba seRhema Bible Churh, erRandburg, eGoli, ngoLwesihlanu ngo-7:30 ebusuku, lizohambisana nomculi we-gospel uKhaya Mthethwa, owe-afro pop u-Azana, uKekelingo, wuManu Worldstar nezinkakha zescathamiya iLadysmith Black Mambazo.
Umqondisi womculo weqembu uManzini Zungu uthe ngalo bazogqamisa nokubungaza indlela umculo osukhule ngayo, bebambisene nalama ciko abazonandisa nawo ukuqinisekisa ukuthi abantu abazowuhambela bahamba befisa impinda.
“Sijabule kakhulu ngala maciko azoba yingxenye yomcimbi wethu, futhi sikholwa wukuthi (umcimbi) uzoba wubusuku obungasoze balibaleka kubathandi beqembu nezobuciko jikelele,” kusho uManzini.
Uhlelo lomcimbi luyophathwa wumethuli wezinhlelo zezindaba weNewzroom Afrika uThami Ngubeni nomsakazi weMetro FM uTbo Touch; kanti amathikithi omcimbi abiza uR300 ePick n’ Pay naseWebtickets.
Ngeminye iminingwane ngamathikithi nokunye okuqondene nomcimbi; kuxhunyanwa noFaith Zalekile ku: 079 896 4464 noma uKhanyi Maxase ku: 079 023 4383.