Wena Ubona Kanjani?

Ndlelanhle Scelo Mpungose; siyibonile imisebenzi yakho

“Ungubufakazi bothando oluphilayo. Uyisihloko sale nkondlo engiyibhalayo. Ungumcabango wokuqala ofikayo osukwini engiluqalayo. Aphinde abe wumcabango ogcinayo osukwini oluphelayo. Noma sengimfumene kodwa ngimcinga ngaphezu kwabangilahlekelayo. Njalo uma ngidla amathambo engqondo kusuke kunguye engimcabangayo.” 

IZIMBONGI nezingane zandawonye uSiyabonga Mpungose nomfowabo ongasekho emhlabeni uScelo.

Leyo ngeminye yemibhalo yembongi uScelo ‘uCellow’ Mpungose, esilale imimoya nezinhliziyo zethu kubuhlungu kulandela ukuzwa izindaba zokuthi ube sengozini yemoto izolo washona esendleleni eya emsebenzini ekuseni.

Bengithi le ngosi ngizoyishicilela ngoLwesihlanu njengenjwayelo kodwa ngenxa yokulazi leli ciko nobukhulu bomsebenzi yalo, ngibone kungayiphutha elikhulu kabi ukuthula isikhathi esingako ngingabhongi ngalutho emsanweni.

Nakuba ngingasakhumbuli kahle unyaka kodwa ngiyakhumbula ukuthi ngiqale ukuthanda nokulandela umsebenzi kaScelo (31), waseMpophomeni, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali, ngokwazi enye yezinkondlo zakhe ebithandwa kakhulu ebinomugqa othi: “abafana banamanga mina ngiqinisile.” – Iqhubeke ithi: “intombi bayilutha ngamazwi abawukukhulumile, inhloso yabo ukuyibona ikhumulile.”

Ngiyayikhumbula nendlela engangijabule ngayo mhla ngiqala ukumbona komunye umcimbi wezinkondlo ayemenywe ukunandisa kuwona eBat Centre, eThekwini, ngo-2019. Ngawuthanda kakhulu umoya wakhe kangangokuthi yize besingesibo abangani, kodwa bekuthi uma kuvela ithuba – sixoxe enkundleni yokuxhuma iWhatsApp; ngimncoma, ngimtusa – ngihlale ngibabaza ubuhle bomsebenzi wakhe wobuciko. 

Wonke umuntu olandela nothanda ubuciko bezinkondlo uzovumelana nami kwelokuthi uScelo ubenendlela yakhe ehlukile abebhala ngayo izinkondlo zothando; ebinoteklu olwenza ukitazeke ube uwuzwa nomyalezo ongale kwaloko awudlulisayo.  

Ngokuhamba kwakhe emhlabeni akulahlekelwe indima yobuciko kuphela, ngakho ngizwelana kakhulu nomndeni wakhe; lapho ngibala indodakazi yakhe esencane u-Ibanathi nomfowabo omdala uSiyabonga. Qinani boKhuba; sishayeke sonke.

Ngiyobe ngenza elikhulu iphutha uma ngishiya ngaphandle ozakwabo kwezobuciko engaziyo ukuthi bakhala ezimathonsi lapho bekhona manje ngenxa yokuthi ngaphandle kwezinkondlo, abanye babo bese bakhe ubudlelwano bobungani noScelo.

KuThubelihle Mthembu, uZamani Mzobe, uGubhela, uZamoh Cofi, uSmarblack Mampondo, uNtokozo ‘uStarring’ Zulu, uSindiswa Zulu, uMbali Malimela, uZion Vilakazi, uNqobile Gcaba, uNhlanhla Mhlongo nabanye abaningi – qinani zingane zakwethu.

Sengiphetha ngifisa ukwedlulisa isicelo (angiqondile ukuphinda ukusho igama lakhe) sokuthi kulele kinina ukuthi igama likaScelo lime njalo noma lishabalale. Ndlelanhle Khuba; siyibonile imisebenzi yakho ndoda yamadoda… #RIPSceloMpungose

WENA UBONA KANJANI?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *