Monday, May 12, 2025
Ezosaziwayo

UNdlunkulu uthulula akucabanga ngothando kwi-albhamu ‘Imizwa’

ISITHANDWA sabalandeli be-afro pop uLwah Ndlunkulu uthi abalandeli bomculo wakhe bazoqonda okusenhlizweni yakhe nakucabanga ngothando kwi-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Imizwa, ephume namhlanje ekuseni.

Ekhuluma ohlelweni lwantambama kwiGagasi FM, uLwah Ndlunkulu (23), odabuka eHluhluwe, enyakatho yeKwaZulu-Natal, uthe uswele amazwi okuchaza ukuthi ujabule kangakanani ngokuphuma kwale albhamu enezingoma eziwu-12.

UMCULI we-afro pop uLwah Ndlunkulu noXowla ophrojuse i-albhamu yakhe yokuqala ethi Imizwa.

Uthe: “Njengoba nesihloko sayo sithi Imizwa; iyindlela engizwakalisa ngayo engikucabanga ngothando ukuthi kumele lube njani, ngoba nginenkolelo enkulu yokuthi abantu bayazithanda izingoma zothando, yingakho ngenze zaningi ezikhuluma ngalo kuyona.”

Kule elbhamu ephume ngaphansi kweNkabi Records, isitebele somculo le ntokazi eqopha kusona, ipike uDkt uBuselaphi engomeni ethi Maye, wuSiya Ntuli kwethi Ithuba nomphathi wayo uBig Zulu kwethi iNotification (esivele ithandwa ngabaningi ezinkundleni zokuxhumana).

Ngaphandle kwalezo zingoma, ezinye esezivele zithandwa kakhulu ngabantu ngethi Eyami nethi Ngiyeza andlalele ngayo ekuqaleni konyaka – kanti zonke izingoma zale albhamu ziphrojuswe wuXowla (obambe iqhaza futhi ekubhaleni ingxenye yezingoma ezikuyona).

“Ngenze isiqiniseko sokuthi ngibhala, ngikhiphe izingoma zothando nezinomyalezo; sazenza ngendlela ehlukile esididiyela ngayo umculo eNkabi Records, nokuyiyo eyenza abantu bathande umsebenzi esiwenzayo wobuciko,” kuphetha uLwah Ndlunkulu ogama lakhe lokuzalwa wuLwandile Mtshali.

Ezinye izingoma agabe ngazo kule elbamu esivele iqengeleza phambili ngokudlalwa kakhulu kwi-iTunes; ngezithi Mali, Umtshingo, iKhuphuka, Indawo Yakho, Eyokuza, iNgezenzo nethi Ngiyathandaza. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *