IGagasi libambe ufishi omkhulu ngoMenelisi Ndwandwe
LE NTO yokukhulela emakhaya iyahlupha ngoba yenza ukuthi kwesinye isikhathi ungasheshi ukwazi nokuzwa ngezinye izinto ezinhle nezihlabahlosile ezenzeka emadolobheni noma ezindaweni eziqhelile nalapho osuke ukhona.
Ngaloko ngiya ekutheni ukukhulela kwami eMandeni, enyakatho yaKwaZulu-Natal kwenze ngephuza ukwazi ngezinye izinto ezinhle nabantu abenza imisebenzi emihle, engize ngakwazi ngoba sengihlala eThekwini.
Nginkanta kangaka nje ngiqonde ukuthi phakathi kwezinto engiphuze ukwazi ngazo, yimisakazo engazakwali endaweni engikhulele kuyona; lapho ngibala iGagasi neVuma FM – iziteshi esengikwazi ukuzilalela manje ngoba sengiseDebheni (kwasho abantu).
Ukulalela kwami iGagasi FM kwenze ngagcina senginezinhlelo engizithandayo nengizilandela njalo kulona; lapho ngibala i-The Uprising kaFelix Hlophe noMinnie Ntuli, yiThe Lift Off kaNjabs Zwane nolwezindaba Indaba eyethulwa wu-Alex Mthiyane.
Ngajabula kabi ngenkathi uMenelisi Ndwandwe, owayethula uhlelo lwezindaba iKZN in 60 Minutes kwiVuma FM, ejoyina iGagasi ngoMeyi ukuzolekelela u-Alex (osezinhlakeni eziphethe umsakazo), ukwethula uhlelo lwezindaba abeselethule yedwa isikhathi eside.
Ngijabule nginjalo; ngangimincele ukuthi uMenelisi enze kahle eGagasini, angasindwa yizicathulo zika-Alex – ngoba kuyenzeka ukungena esikhaleni somuntu onamagalelo afana nakaSohlaza, kukungenise amanzi emadolweni, ugcine wenza amaphutha angenasidingo nabengagwemeka.
Angisho ngingananazi nokho ukuthi uMenelisi ufike wangena khaxa ohlelweni Indaba Open-Line alwethula njalo ngoMsombuluko ngo-7 ebusuku. Uyakhombisa ukuthi usevuthiwe ekwethuleni izindaba, futhi kuyezwakala ukuthi kuningi akufunde kule minyaka emine esebenza kwiVuma FM, nowodwa kwiHighway Radio aqale kuyona umsebenzi wobuntatheli ngo-2017.
Ngihlabeke umxhwele kabi izolo ethula i-Sex Indaba ngokubambisana no-Alex. Ngiyithandile indlela ababambisane kahle ngayo ukwenza uhlelo lube mnandi futhi luhlabahlose njengenjwayelo.
Njengoba u-Alex abuye abe matasa ngeminye imisebenzi yangaphakathi emsakazweni nezokwenza angakwazi ukwethula uhlelo njalo; kuhle ukuba khona komuntu onjengoMenelisi owuqondayo umsebenzi awuqashelwe, futhi kuzosisa kakhulu ukuthi uhlelo lungaziki, kodwa luhlale luzinzile futhi lusezingeni elaziwa ngalo.
Ngabe ngenza iphutha eliphindwe kayishumi uma ngingambaluli umdidiyeli wohlelo Indaba, uSiphelele Nzuza okuwuyena oqinisekisa ukuthi uhlelo luhlale lunezihloko ezihlabahlosile ezidingidwa kulona. Ibambe kanjalo mfanomdala; siyakubona!
Sengiphetha ngithi angincome iGagasi FM ngokunika abantu abasha ithuba lokuzibonakalisa emsakazweni; hhayi kubasakazi kuphela – nakubadidiyeli bezinhlelo nabafundi bezindaba (iningi labo) yintsha, okuyinto enhle nesho ukuqhakaza kwekusasa lomsakazo.
Eminye imisakazo kumele isike iphethini kwindlela iGagasi FM eyenza ngayo izinto; ikakhulu uma izimisele ngokwandisa isibalo sabantu abayilalelayo.
WENA UBONA KANJANI?