Ezosomabhizinisi

Kuzoqiniswa ubudlelwano kubangani nezithandani ngomcimbi ogabe ngewayini

IZITHANDANI, abangani nabemindeni bazothola ithuba lokwazana kangcono – baqinise ubudlelwano babo emcimbini ogabe ngeziphuzo ezahlukene ikakhulu izinhlobo zewayini – i-The Long Table ozobe wenziwa okwesithathu kulo nyaka.

INGQEPHU isuke idla umunyu kanje emcimbini i-The Long Table. Isithombe: Sithunyelwe

UNksz uNontobeko Nxumalo wenkampani iMangocado ehlela lo mcimbi oqale ukwenziwa ngo-Ephreli kulo nyaka, waphinda ngo-Agasti – uthe owesithathu uzoba seHighgate Wine Estate, eMidlands, eMgungundlovu, mhla ka-17 Disemba ngo-12 emini kuya ku-8 ebusuku.

KUBA wubukhazikhazi bodwa kwiThe Long Table.

Enaba ngenhloso yalo mcimbi abheke ukwamukela abantu abawu-150 kuwona, uthe wukuhlanganisa abantu abazanayo; kungaba ngabathandanayo, wobhululu noma abahlobene ukuqinisa ubudlelwano bokwazana kwabo.

“Sifuna ukuthi njalo emva kwezinyanga ezimbalwa sihlanganise abantu bezojabula, senze isiqiniseko sokuthi ukuhlangana kwabo nakho konke ubumnandi bangaleso sikhathi abakukhohlwa neze empilweni yabo, ngokuqinisekisa ukuthi yonke into iba sezingeni eliphezulu,” kusho uNksz uNxumalo.

Eqhuba uthe abazohambela lo mcimbi bazototoswa njengezicukuthwane; banikwe ukudla, yiziphuzo ezahlukene (abazozikhethela bona ezizwana nabo kwezizobe zikhona), badlalelwe nomculo wokwenza konke kube mnandi kakhulu. 

Uthe: “Ngibambisene nabaxhasi bomcimbi iLeopard’s Leap ezoza namawayini, yiBrutal Fruit nayo neziphuzo zayo, yiKoi Gin neSchweppes ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uhamba egculisekile; kanti futhi izihambeli zethu zizohamba ziphethe izipho.” 

Amathikithi alo mcimbi adayisa ngoR850 umuntu emunye kuze kushaye umhla ka-11 Disemba, kanti abawafunayo bangathumela i-email ku: thelongtablepmb@outlook.com noma bavakashele ikhasi le-Instagram: @thelongtable_ 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *