Izoxuba nengxoxo yokucobelana ngolwazi iLegends Poetry Show
ABALANDELI bezinkondlo abazukujatshuliswa ngezinkondlo ngamaciko abawathandayo kuphela, kepha bazothola nethuba lokuchushiswa ngokuningi ngalo mkhakha nobuciko jikelele emcimbini wezinkondlo iLegends Poetry Show.
Loko kushiwo wumsunguli nomhleli walo mcimbi uNkululeko ‘uPage’ Ngwenya, odalule konke kumi ngomumo ngowalo nyaka ozobe wenziwa okwesine ngoMgqibelo, ePlayhouse, eThekwini, ngo-1 kuya ku-6 ntambama.

Enaba ngalo mcimbi osuwenziwe kathathu kusukela waqala ngo-2018, wase uma kancane ngenxa yezinkinga ezithile – uPage uthe inhloso yawo enkulu wukunika izimbongi ezinamagalelo kule ndima ithuba lokuqhubeka zigqamise umsebenzi wazo.

Uthi: Owalo nyaka uzokwehluka ngokuthi sandise isibalo sezimbongi ezizonandisa kuwona, futhi akuzukugcina ngokunandiswa nje kuphela – kepha kuzoba nengxoxo lapho la maciko ecobelana khona ngolwazi namava awathole ngokuba kule ndima.”
Ohlwini lwabazonandisa kulo nyaka kukhona uThuli Zuma, u-Ewok, uThingo Gwala, uModise Sekgothe, uMinenhle Mthembu noZamoh Cofi wodumo lwenkondlo ethi uSathane Uyangifuna Nami.
“Okunye okusha futhi kulokhu wukuthi sengeze ngoLuyanda EM noKhulekani Ndwandwe; izimbongi ezisencane nezikhula ngamandla kule ndima – ezizokwendlalela laba asebenesikhathi eside bekhona endimeni,” kusho uPage.
Uhlelo lomcimbi luzophathwa wuye uPage noThando Fuze. Amathikithi omcimbi atholakala ngoR150 eWebticktes nasePick n’ Pay, kanti umcimbi uxhaswe yiNational Arts Council neZishapp.