Okuhle kodwa kuBryoni Govender
ITHIMBA leziko lezindaba UMAKA Magazine lifisela uBryoni Govender okuhle kodwa emncintiswaneni wonobuhle bamazwe omhlaba uMiss Universe 2023, azoqhudelana kuwona nezintokazi zasemazweni awu-84 ezingenele ihlandla lawo lesi-72 kulo nyaka.
UBryoni (27) waseKempton Park, eGoli, eGauteng, uyithemba leNingizimu Afrika kulo mncintiswano okuzobe kuqala ukuthi ungenelwe wonobuhle asebeshadile nabanezingane, ngenxa kokuxegiswa kwemithetho yokuwungenela.
Sinxusa abahlali baseNingizimu Afrika ukuqhubeka nokuvotela le ntokazi eneziqu zobummeli, kwi-app kaMiss Universe ukuze ibe sethubeni elihle lokwedlulela esigabeni esandulela owamanqamu alo mncintiswano onqotshwe wuR’Bonney Gabriel waseMelika ngonyaka odlule.
Nakuba kwazeka ukuthi akulula ukunqoba lo mncintiswano kodwa ukwenza kahle kwengxenye yezintokazi zakuleli zwe eziwungenele eminyakeni edlule, kusinika ithemba lokuthi noBryoni angenza ezibukwayo kuwona ikakhulu uma sonke simeseka.
Phakathi konobuhle baseNingizimu Afrika abagile izimanga kuMiss Universe eminyakeni edlule kukhona uDemi-Leigh Tebow (28) owawunqoba ngo-2017, uTamaryan Green-Nxumalo (29) owanqoba ngo-2018, wuZozibini Tunzi (30) owadla umhlanganiso ngo-2019 noLalela Mswane (26) owalala isithathu ngo-2021.
Owalo nyaka uzoba seJose Adolfo Pineda Arena, eSan Salvador, ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi sakhona – kanti eNingizimu Afrika uzokhoniswa bukhoma kwiSABC 3 ngeSonto ngo-3 ekuseni, uphinde ngo-7:30 ebusuku ngalo iSonto.
Okuhle kodwa Bryoni; senze siziqhenye ngawe!