Friday, September 13, 2024
Ezosaziwayo

Sekuqiniswe uhla lwamaciko azonandisa kwiDrakensberg Festival

ABAHLELI bomcimbi waminyaka yonke iDrakensberg Extravanganza & Heritage Music Festival, sebengeze isibalo samaciko azonandisa kowalo nyaka ozoba seBergville Sports Centre, eBergville, mhla ka-2 Disemba.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanga edlule inkampani ehlela lo mcimbi iDrakensburg i Productions imemezele uNasty C, uBig Zulu (wakhona eBergville), wuTyler ICU, uLwah Ndlunkulu, uDa Muziqal Chef, u-Eemoh, uGoldmax, uSha Sha, uNathi Mankayi, uBabes Wodumo, uDladla Mshunqisi noBlaq Diamond ohlwini lwamaciko azonandisa.

UXOWLA ngomunye wabazonandisa kwiDrakensberg Extravanganza & Heritage Music Festival

Ukwenza lo mcimbi oqale ukwenziwa ngo-2017, uhlabahlose, kuthangi kwengezwe uXowla, uProfessor, uKwesta, uLindough, uDJ Rocco Rodammal, uLars Behrenroth nembongi uSbo Da Poet ohlwini lwamaciko azojabulisa izethemali ezizobe zisemcimbini.

UBIG ZULU ngomunye wabazonandisa kwiDrakensberg Extravanganza & Heritage Music Festival

Umhleli womcimbi uSipho Ndaba uthe loku bakwenze ngoba bebona isikhalo sabalandeli, abababhalela emakhasini abo ezinkundla zokuxhumana besho ukuthi bafuna maphi amaciko emcimbini wabo.

ULWAH NDLUNKULU ngomunye wabazonandisa kwiDrakensberg Extravanganza & Heritage Music Festival

Uthe: “Ngiyakuqinisekisa ukuthi asikaqedi njengoba kumanje sixoxa namanye amaciko esizowamemezela maduze, nawo azobe ekhona emcimbini ukuqinisekisa ukuthi umcimbi wethu uba sezingeni eliphezulu, ngoba kukho konke esikwenzayo sibeka phambili okufunwa ngabantu abahambela umcimbi.” 

Njengenjwayelo Lo mcimbi ozobe wenziwa okwesikhombisa kulo nyaka, uzothatha izinsuku eziwu-11 ngenxa yokuthi awuzukuba yidili lomculo kuphela; ziningi izinhlelo ogabe ngazo ukuwenza uhlabahlose.

Ugabe ngezinhlelo okukhona kuzo iDrakensburg Marathon, yiHike & Wine about Drakensberg Extravaganza, yiFishing & Jazz Experience @Woodstock Dam, yiTourism Summit, yiDrakensberg Professionals Gala Dinner, yiFashion & Film Meets Tourism, yiRural Youth Development & Empowerment Summit, yiSocial Cohesion & Moral Regeneration Summit neCultural & Creative Industry Summit.

Konke loko kuzokwenzeka kusukela mhla ka-23 November kuze kusongwe mhla ka-3 Disemba, kanti amathikithi okubuka umcimbi womculo wangomhla ka-2 Disemba abiza uR200 i-general noR600 i-VIP eTicketPro naseSpar.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *