Wethule ibhizinisi lezinwele ogqame edayisa inhloko eThekwini
USETHULE ibhizinisi elisha lezinwele usomabhizinisi waseThekwini ogqame kwezamabhizinisi ngeNandipha Catering, ibhizinisi lokudayisa inyama yenhloko eminyakeni emithathu edlule.
UNksz uSinenhlanhla Shange, waseWaterloo, enyakatho yaseThekwini, ngeSonto wethule ibhizinisi lakhe elisha lezinwele iFayola & Co.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kwaleli bhizinisi, uNksz uShange (31) waba nedumela elikhulu ezinkundleni zokuxhumana ngo-2020 ngebhizinisi lenyama yenhloko ayeyidayisa ngaphandle kwesibhedlela iKing George, eSydenham, eThekwini.
UMAKA Magazine waxoxa naye ngalowo nyaka ngeNandipha Catering, lapho adalula khona ukuthi uzimisele ngokukhula kwezamabhizinisi eminyakeni ezayo, nakhu manje esethula leli bhizinisi elidayisa izinhlobo zezinwele eziyintandokazi kwabesifazane.
Ethula iFayola & Co ekhasini lakhe leFacebook, uNksz uShange oneziqu zeBachelor of Social Science in Psychology and Criminology yase-University of KwaZulu-Natal, uthe ubehlale efuna ukwenza into ezomphonsela inselelo kwezamabhizinisi.
“Nakuba kunjalo angikaze ngiziphuphe ngila engikhona manje, futhi angifuni ukuchaza okuningi engidlule kukho – kodwa ngijabule ukwethula ibhizinisi lami elisha.
“Sithembisa ukukhiqiza umkhiqizo wezinga eliphezulu, futhi sesijahe kabi ukunibona nihlobe ngomkhiqizo wethu. Sifuna ukuthi nizizwe nibalulekile futhi nibahle uma nihlobe ngalo mkhiqizo,” kubhala uNksz uShange.
Uphethe ngokubonga bonke abamesekekile ukusungula iFayola & Co; kusuka emndenini, abangani, abalingani bakhe kwezamabhizinisi nabo bonke abafake isandla ngezindlela ezahlukene.