Wednesday, May 14, 2025
EzosaziwayoEzosomabhizinisi

Usecija abafuna ukuhamba ezinyathelweni zakhe othwebula imidlalo yethelevishini

UKUBONA intsha yangakubo ithwala kanzima uma ifuna ukuchuma endimeni yezokulingisa, ikakhulu labo abathanda ukuthwebula njengaye, ngenxa yokuswela ulwazi namathuba, ngesinye sezizathu ezenze waqala isikhungo sokucija abafisa ukuhamba ezinyathelweni zakhe.

UZOCIJA intsha ngolwazi lokuchuma ekuthwebuleni imidlalo yethelevishini uSizwe Ndima osungule isikhungo sobuciko iNationPath Media Academy. Isithombe: Sithunyelwe

Lowo wuSizwe Ndima, umnikazi wenkampani iNationPath Media, inkampani ethwebula imidlalo yethelevishini asesungule ngaphansi kwayo iNationPath Media Academy, isikhungo sobuciko esizosiza ukucija intsha efuna ukungena endimeni yezokulingisa.

USizwe (30) waseMadlankala, eSikhawini, enyakatho yaKwaZulu-Natal, uthe ukusokola efuna ukungena kule ndima waze wasizakala ngoba esecijelwa lo mkhakha eThekwini, kwenze wafisa ukusiza intsha eza emva kwakho ukuthi ingedlule ebunzimeni adlule kukho. 

Uthi: “Nanokuthi bekuvele kuwumbono wethu eNationPath ukufukula intsha yasezindaweni zasemakhaya nasemalokithi ngolwazi lokuyisiza ichume kule ndima, ngokuthi siyicije bese siyinikezela ngamathuba azokwenza ifeze amaphupho ayo kwezokulingisa.”

Esikhungweni sabo esibhaliswe ngokusemthethweni eMICT SETA, bazogxila ekuqinisekiseni ukuthi instha edlula esandleni sabo isikulungele ukungena kule ndima.

“Ngalesi sikhungo ngizoqhubeka la engigcine khona njengoba bengivele sengiqalile ngihlela isigcawu sokucija intsha kulo mkhakha kusukela ngo-2018 enkampanini eNationPath Media engayisungula ngo-2014,” kusho uSizwe ophinde ahambele izindawo nezikole ezahlukene eKZN naseGauteng ecobelela intsha ngolwazi. 

Ngaphandle komsebenzi awenza enkampanini yakhe, uSizwe useke wasebenza emidlalweni eyahlukene yethelevishini okukhona kuyo Imbewu: The Seed, yisizini yesithathu ye-eHostela noZalo asasebenza kulo (ngokuyitoho) namanje – nemicimbi okukhona kuyo amaMetro FM Awards, amaMAMAs, yiTop Gear, yiBRICS Summit neTop Billing. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *