Kuzobhungwa ngobizo lobufundisi kwi-podcast entsha yakwiYouTube
UKUNGAZIWA komlando wokuthi abefundisi nabaholi bamahlelo enkolo yobuKrestu balamukela kanjani ubizo lwabo lobuholi, ngesinye sezizathu eziholele ekusungulweni kwe-podcast yeYouTube ezodinginda lezo zindaba.
Leyo podcast esihloko sithi Ubizo: The Calling, isungulwe wumsakazi weVuma FM uPhumlani ‘uMabhodl’ Umlilo’ Nkwanyana ne-contributor yeGagasi FM uSabelo ‘uBeloG’ Ngongoma.

Echaza ngesizathu sokuqala le podcast osekuqalile ukuqoshwa kweziqephu zayo ezizoqala ukutholakala kwiYouTube ngenyanga ezayo, uMabhodl’ Umlilo uthe umcabango wayo wamfikela elalele intshumayelo yomunye umfundisi ngonyaka odlule.
Uthe: “Ngangilalele intshumayelo kaMfundisi uMuziwezigwili Nxumalo, enshumayelweni yakhe wakhuluma izinto eziningi ezangethusa kakhulu, echaza nangezinselelo aphunyulwa kuzo wukukholelwa kuNkukunkulu.”
“Lokho kwenza ngabona kufanele ngiqale i-podcast la sizohlala khona nabo phansi (abefundisi), besichazele ukuthi babone kanjani ukuthi babizelwe ukuhola abazalwane.”
Uthi wabe esehlela ukuyiqala noBeloG ngoba vele naye uwumuntu okholwayo, nonentshisekelo yokuzwa kabanzi ngohambo lwabaholi bamahlelo enkolo yobuKristu.

Nakuba bezobe bekhuluma nabaholi bamabandla isikhathi esiningi, kodwa uthe uhlelo lwabo lulungeke ukubukwa ngabantu abakholwayo nabangakholwa ikakhulu intsha.
Uthi: “Lolu hlelo luzokwenza bakholwe futhi babone ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi uyaphila. Ngalo (uhlelo) sifuna abantu baqonde ukuthi ukubizwa wuNkulunkulu akulula, kunezinselelo eziningi kodwa futhi kuyenzeka uma ukholelwa kuYe ngokuphelele.”