Friday, September 13, 2024
Ezosaziwayo

I-Stained Glass izigqaja ngokukhiqiza imidlalo ‘yezinga eliphezulu’

INKAMPANI ekhiqiza, ididiyele imidlalo yethelevishini i-Stained Glass Productions isizishaye isifuba ngokukhiqiza imidlalo ‘yezinga eliphezulu’ nehlale iba wundabamlonyeni kubalandeli bezikaqedisizungu.

Lokhu ikusho esitatimendeni esikhiphele abezindaba izolo emini, ukugubha iminyaka eyisishiyagalombili yasungulwa.

Le nkampani ebunjwe wuGugu Zuma-Ncube noPepsi Pokane, isikhiqize, yadidiyela inqwaba yemidlalo yethelevishini okukhona kuyo Uzalo, Ifalakhe, yiLingashoni, yiDurban Gen, yi-eHostela, yiThe Wife nongakamenyezelwa ozokhonjiswa kwiNetflix.

Esiitatimendeni baveze ukuthi baziqhenya kakhulu ngomsebenzi asebewenzile kusuka kusungulwa le nkampani ngo-2015.

OMUNYE wabasunguli beStained Glass Productions uPepsi Pokane. Isithombe: Facebook

Bathe: “Ngakho asigubhi iminyaka eyisishiyagalombili kuphela, kepha sijabulela ukuzikhandla nokuzimisela ngomsebenzi okwenziwa yiwo umuntu osebenzela noseke wasebenzela i-Stained Glass Productions phambilini.

OMUNYE wabasunguli beStained Glass Productions uGugu Zuma-Ncube. Isithombe: Facebook

“Ukuzikhandla kwabo bonke kuthele izithelo ezibonwa yiwo wonke umuntu, loko okufakazelwa yimpumelelo yemidlalo eminingi yethelevishini esibambe iqhaza ekwenziweni kwayo,” kusho isitatimende.

Babonge kakhulu ababukeli bemidlalo yabo ngokuhlale bebaseka njalo, abaxhasi, abakhangisi nazo zonke iziphathimandla ezibambe iqhaza empumelelweni yabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *