Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

OwoZalo uyikhomba phesheya kwezilwandle impumelelo ngokulingisa

OMUNYE wabalingisi abangaconsi phansi kubalandeli bomdlalo wakwiSABC 1 Uzalo, uNothando Ngcobo uthi ukholwa wukuthi ukuqhubeka nokusebenza kanzima emsebenzini kuzomsiza ukucaba indlela yakhe ebheke ekulingiseni emidlalweni yaphesheya kwezilwandle.

UMLINGISI woZalo uNothando Ngcobo uthi usebheke ukulingisa emidlalweni yaphesheya kwezilwandle. Izithombe: Zithunyelwe

UNothando wase-Unit 6, eHammarsdale, entshonalanga yaseThekwini, owuHlelo kulo mdlalo okhonjiswa ngo-8:30 phakathi nezinsuku, uthi akufunda kuwona kumnika ithemba lokuthi akukho lutho namuntu ozofinyeza impumelelo yakhe.

Uthi: “Kungisize kakhulu ukusebenza kulo mdlalo ngoba ugabe ngabalingisi abazimiselayo nabazikhandlayo ngomsebenzi ikakhulu uSimphiwe Majozi (Sibusiso), engisebenza naye kakhulu kuwona nohlale enza umsebenzi wami ube lula.”

“Iyangijabulisa indlela engikhula ngayo kule ndima futhi inginika ithemba lokuthi ukuqhubeka nokuzimisela nokuhlale ngithobekile kuzongizisa ukungiweza ngelibanzi ngoba isifiso sami esikhulu wukugcina ngilingisa emidllaweni yaphesheya kwezilwandle.”

Lo mlingisi ofike kuZalo ngo-2021, uphawule nangabathile abahlale begxbha lomdlalo nabalingisi bawo ezinkundleni zokuxhumana.

UMLINGISI woZalo uNothando Ngcobo uphendula abagxeka indlela abalingisa ngayo kuZalo.

Uthe: “Siyakuqonda ukuthi wonke umuntu unelungelo lokubeka umbono wakhe nganoma yimuphi umdlalo awubukayo, kodwa futhi siyazi ukuthi abanye abantu bagxeka ngoba behlushwa wumona wokufisa ukuthi kube yibona abalingisa kuwona (umdlalo), ngakho azikufaki ezinhlizweni abakushoyo ikakhulu labo abagxeka ngokungakhi.”

Ngaphambi kokugqama kuZalo, uNothando oneziqu ze-Degree yeMarketing yase-University of Johannesburg nezokulingisa akucijelwe eMarket Theatre, ulingise emidlalweni okukhona kuyo i-One Time Pin, yiLingashoni noZulu noMhlaba.  

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *