Uyayazi into ayenza emoyeni uMabhodl’ Umlilo weVuma FM
NAKUBA ngingeke ngazibiza ngekholwa elikhulu kodwa njengabanye abazalwane, nami ngiyaya enkonzweni engikhonza kuyona yamaZayoni uma ngithole isikhathi nethuba ngeSonto emini.
Njalo ngaphambi kokulungiselela ukuya enkonzweni, sekwaba wumkhuba wami ukuqala ngokuvula noma yimuphi umsakazo osuke udlala izinhlelo zenkolo, noma umculo wokholo ukuzifudumeza lapho ngisaphithizela endlini ngilungela ‘ukuyophungula izono’.
Eminyakeni edlule bengijwayele ukulalela Ukhozi FM; kusekhona uSibusiso ‘uSbu’ Buthelezi, owayeshayela uhlelo Indumiso ngaphambi kokuthi bamfake amasondo abeSABC ngenxa yezizathu engiyobhala ngazo kule ngosi ngelinye ilanga.
Ngenxa yokuthi ngiwumuntu othanda ukuzwa into entsha, ngenzela nokuzwa ukuthi abanye abasakazi basakaza kanjani, ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ngivule iVuma FM, ngezwa kusakaza uPhumlani ‘uMabhodl’ Umlilo’ Nkwanyana ohlelweni iMega Grace, olungena njalo ngeSonto ngo-6 kuya ku-10 ekuseni.
Ngithi angikusho ngingananazi ukuthi akungithathanga mizuzu emingaki ukuzwa ukuthi le nsizwa iyayazi nto eyizele emsakazweni; loko kufakazelwa yindlela uhlelo lwayo olunothe ngayo.
Ngaphandle kokugaba ngomculo ovuselelayo wokholo, uPhumlani uhlale eza nezihloko ezihlabahlosile nengikholwa wukuthi ziyabakhuthaza kakhulu abenkolo yobuKrestu namakholwa jikelele ngoba zihlahlela, zihlaziye iBhayibheli.
Ngiyithandile nale ye-quiz yeBhayibheli lapho kushaya khona abalaleli ababili, abapheke ngemibuzo esifundisa okuningi ngeNcwadi eNgcwele.
Leya ngosi ebizwa ngeBible Challenge ngiyibona iyinhle kakhulu, futhi kuyezwakala nokuthi abalaleli abashaya emoyeni ukuncintisana kuyona, ibahlaba umxhwele.
Nami imbala ngize ngihleke ngedwa ngilalele ngisendlini, kokunye ngicabange ngijule ngizama ukuthola izimpendulo zemibuzo eyakhiwe ngabantu okubhalwe ngabo eBhayibhelini, asuke eyibuza neyenza umuntu akhuthale ukufunda nokuqonda iBhayibheli.
Okunye okungijabulisa ngalolu hlelo wukuthi kuphinde kubuyekezwe izincwadi zababhali abehlukene, okuyinto enhle kakhulu futhi esizayo ukulinonga nokwandisa isibalo sabalaleli.
Ngikuthandile nokuthi uPhumlani akagcini ngokusakaza nje kuphela, kodwa ufaka iziqephu zobekwenzeka ohlelweni ekhasini lohlelo kwi-YouTube ukusiza umlaleli ongakwazanga ukulalela, nokuthi uma kukhona okwenzekile ohlelweni kwamhlaba umxhwele, ukwazi ukuphinda ukulalele noma yinini uma ufuna.
Ngimncoma kakhulu uZwide ngokuzikhandla kwakhe kangaka, futhi ngethulela isigqoko wonke umuntu obamba iqhaza ukuqinisekisa ukuthi lolu hlelo luba yimpumelelo.
Sengiphetha ngithi umuntu owaqasha le nsizwa kwiVuma FM wenza into efanele, futhi ngifisa ukuthi abaphathi balo msakazo ozimele ozinze eMhlanga, enyakatho yaseThekwini, baqinisekise ukwenza konke okusemandleni abo ukuthi lo msakazi angayi ndawo, ngoba ngibona kuyoba nzima kakhulu ukuvala isikhala sakhe mhla kwenzeka ehamba.
Ngiyazi-ke ukuthi ngenxa yengxenye yezinto engizisho kule ngosi yanamhlanje, bakhona asebefisa ukwazi okungaphezu kwaloku ngoMabhodl’ Umlilo; yingakho ngizokwenza imizamo yokumfuna ngize ngimthole ukuze sixoxe naye kuleli ziko lezindaba.
WENA UBONA KANJANI?