UNatasha wethule isiphuzo esibuyisa amandla seMoFaya
INTOKAZI ephethe isicoco seMiss South Africa uNatasha Joubert wethule isiphuzo sakhe esibuyisa amandla iBerry Queen, ngaphansi kwenkampani eyenza lolu hlobo lweziphuzo ephethwe wuDJ Sbu, engabaxhasi bakhe iMoFaya.

UNatasha (26) wasePitoli, eGauteng, uthe uswele amaphiko okundiza ukujabulela lesi siphuzo esigabe, nesihluke ngokuthi asinawo ushukela.
Uthi: “Ngijabule kakhulu ngokuthi lo mkhiqizo usuzotholakala ezitolo ikakhulu ngoba ukwenziwa kwawo kwenze ngakwazi ukuveza uhlangothi lwami lobuciko, kwangixukuza nomqondo. Sengijahe kabi ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bazizwele ukuthi unambitheka kamnandi kanjani.”

Le ntokazi ikhanda lo mkhiqizo nje, indaba isuke ngenkathi inqoba esiqeshini sokulungiselela umncintiswano weMiss SA, iDown to Business – lapho yona neyayincintisana nabo kwakumele bazenzele iziphuzo ezibuyisa amandla, beze neqhinga lokuzimaketha ebantwini abaningi.
UDJ Sbu, owasungula iMoFaya nomngani wakhe uSiphiwe Shongwe ngo-2013, uthe: “Bekuvele kuyisifiso sethu ukusebenzisa iMoFaya ukukhuthaza abeza ngemva kwethu ukuzithuthukisa, ngakho sijabule ukuthi uNatasha ungomunye wabazofeza amaphupho abo ngalokhu.”
Ingxenye yenzuzo ezokwenziwa yilesi siphuzo izosetshenziswa emkhankasweni kaNatasha awenza enhlanganweni iMiss South Africa, wokukhuthaza imfundo ebantwini.