UThobani Nzuza noWiseman Mncube bangikhumbuza uMenzi Ngubane
NJENGABANYE abalandeli bemidlalo evutshelwe eNingizimu Afrika, nami ngikhule ngibuka imidlalo yakudala yethelevishini engingabala kuyona uVelaphi, Ifa LakwaMthethwa, iSgudi Snaysi, Emzini Wezinsizwa, Ubambo Lwami, ikuHlala Kwabafileyo, yiKwakhala Nyonini neminye.
Yize ngangisemncane kakhulu ukuqonda amanangananga amaningi omkhakha wokulingisa ngaleso sikhathi, kodwa ngiyakhumbula ukuthi ukubuka kwami leyo midlalo kwenza ngayikhonza kakhulu ithelevishini, kwakhulisa nentshisekelo yami yokulandela imidlalo nezinhlelo ezahlukene ekhiqizwe kuleli zwe.

Phakathi kwezinto ezazingihlaba umxhwele kuyona (imidlalo yethelevishini yangaleso sikhathi), yithalente elimangalisayo lokulingisa nokuzinikela kwabalingisi bayo engiqhubekile nokubalandela ngisho sengikhulile; lapho ngibala uThembi Mtshali-Jones, uMagic Hlatshwayo, uVusi Thanda, uDon Mlangeni-Nawa noRay Ntlokwana, uHenrey Cele, uJoe Mafela, uDaphney Hlomuka noMenzi Ngubane (bobahlanu abangasekho emhlabeni).

Ngaphandle kokuncoma umsebenzi ayewenza esaphila, okunye okwenze ngabala uMenzi (Ngubane) kuloluhla, wukuthi kunabalingisi ababili engibalandelayo abakhula ngamandla kwezokulingisa, okuthi njalo uma ngibabona emidlalweni eyahlukene yethelevishini abalingisa kuyona, ngikhumbule leli qhawe eladuma ngendawo kaSibusiso ‘uNgamla’ Dlomo emdlalweni wakwiSABC 1 iGenerations.
Labo balingisi ababili engikhuluma ngayo woWiseman Mncube, odabuka eVryheid, enyakatho yaKwaZulu-Natal, noThobani Nzuza waseMlazi, eningizimu yeTheku.
Indlela lezi zinsizwa ezizimisela ngayo emsebenzini eziwenzayo iyajabulisa kakhulu, futhi uyabona ukuthi azenzeli imali nodumo; le nto ingaphakathi kuzona.
Ubufakaza balokho wukungawesweli umsebenzi wokulingisa nokubutha kwazo izindondo ukuhlonipha amagalelo azo endimeni yezokulingisa.
Bheka nje ukuthi kusukela ngo-2019, unyaka ezigqame ngawo zilingisa kwisizini yokuqala ye-eHostela, azibange zisabheka neze emuva – kunalokho ziyaqhubeka nokwenza into yamehlo kulo lonke ithuba ezilitholayo lokulingisa emidlalweni eminingi esezilingise kuyona yethelevishini.
Ngaphandle kokugqama kwi-eHostela, uWiseman uzenzele igama emidlalweni engingabala kuyo Uzalo, i-The Wife, uShaka iLembe, iqophamlando lempilo kaMandoza (ongasekho) iNkalakatha Biopic neMy Brother’s Keeper alingisa yona manje, ekhonjiswa kwiMzansi Magic ngo-7:30 kusihlwa phakathi nezinsuku.
Ngesifanayo nakuThobani, okuthe engaqeda ukusimangaza kwi-eHostela, wenza ezibukwayo futhi emidlalweni engingabala kuyo Isipho: The Gift, Uzalo, iDiepCity, i-The Black Door neSitha: The Enemy alingisa kusona manje, esikhonjiswa kwi-etv ngo-9:30 kusihlwa phakathi nezinsuku.Â
Uma kusekhona abantu abazimisela njengalabalingisi kule ndima, umkhakha wezokulingisa ezweni uzoqhubeka nokukhula, futhi ngibona sizokwanda nesibalo sabalingisi abahamba ezinyathelweni zoThuso Mbedu, uNomzamo Mbatha nabanye abagcina besimela naphesheya kwezilwandle ngokuzikhandla kwabo.
Sengiphetha ngethulela iDurban University of Technology (i-DUT) isigqoko ngomsebenzi omuhle ewenzayo wokucija nokukhiqiza abalingisi bezinga eliphezulu.
Ngaphandle kwaThobani noWiseman, kungaze kuphele isikhala uma ngingaqala ngibale abalingisi, ababhali nabaqondisi bemidlalo yeshashalazi neyethelevishini abaphekwe eDUT.Â
WENA UBONA KANJANI?