Usuke eZimbabwe weza eMzansi kwakhanya kwezokumodela
INTOKAZI ekhule inothando nentshisekelo yokumodela uKimberly Liora Masangomai okhulele eZimbabwe, uthi ukufudukela eNingizimu Afrika kufeze iphupho lakhe leminyaka lokungena agxile kwezokumodela.
UKimberly (22) waseHarare, eZimbabwe kodwa manje osezinze eThekwini, uthi iyamjabulisa indlela akhula ngayo kulo mkhakha selokhu afika kuleli zwe ngo-2019 ukuzohlwaya amathuba empilo angcono, emva kokuqeda u-matric ngo-2018.
Uthi: “Kusukela ebuncaneni bami bengikuthanda ukumodela, ngihlale ngibuka ama-video onobuhle kwiYouTube kodwa ngingakwazi ukungena kukho ngenxa yendlala yamathuba eZimbabwe.”
Le ntokazi, ubaba wayo ongowakhona la eNingizimu Afrika, ifike kuleli zwe yajoyina inhlangano yonobuhle iFCB Models, yangena kulo mkhakha ngokukhangisa imisiko yemfashini yabasiki bengqephu abehlukene.
“Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi ngabona ukuthi ukukhangisa ngengqephu kuphela akwenele, ngaqala ngangenela imincintiswano yokumodela ukuzama ukukhula ekumodeleni,” kusho uKimberly osewole inqwaba yezicoco ngokumodela.
Phakathi kwezicoco aseke azinqoba kukhona uMiss Mzansi Supreme 2022: 2nd Princess, uMiss Epic South Africa 2023, uMiss Summer 2022/23: 1st Princess, uMiss Exquisite 2023, uMiss Premium South Africa 2022/23: 2nd Runner-Up nasanda kusinqoba uMiss Township South Africa 2023/24.
Uthi: “Ukuhlabana ngayo yonke le miklomelo kwenze ngakhuthala ukuqhubeka nokumodela, ngashisekela ukuzimisela kakhulu ukuze ngizothola okungaphezu kwalokhu esenginakho.”
UKimberly, umnikazi weFight of Faith Foundation nenxusa leGive Thanks Communication, uthi indlela yakhe isibheke ekukhuleni kule ndima agcine esencintisana nabanye onobuhle emincintiswaneni emikhulu abale kuyo uMiss SA noMiss World.