Thursday, July 18, 2024
Ezosaziwayo

Owokholo uphendula abamgxeka ngokulingisa indawo ‘enocansi’ kwithelevishini

ISITHANDWA sabalandeli bomculo wokholo uThinah Zungu useziphendulele kubalandeli bakhe nakumakholwa enkolo yobuKristu abebemgxeka ngokubonakala elingisa esiqeshini socansi emdlalweni omusha wethelevishini.

UThinah ongumfundisi nomphathi webandla lenkolo yobuKristu i-ARK Fellowship Church, ugxekwe emva kwesiqephu sokuqala somdlalo omusha wakwi-eVod iMother of All, okuthi uqala abonakale ezithokozisa nowesifazane ngocansi.

UTHINAH Zungu ucacisa ngendawo ayilingisa kwiMother Of All. Isithombe: Facebook

Abaningi bazwakalise ukungasithakaseli isinqumo sakhe sokuvuma ukulingisa indawo enje, bamgxeka ezinkundleni zokuxhumana bethi ngoba uyikholwa, bekungamele avume ukulingisa le ndawo kaMalusi kulo mdlalo oqale ngoLwesibili olwedlule.

Lo mculi wodumo lwengoma ethi Nginguthandiwe, unikele ekhasini lakhe lakwiFacebook, waqala ngokuxolisa kubo bonke abangakuthandanga abakubone ekwenza kwithelevishini.

Uthe: “Ngenkathi siqopha lo mdlalo ngangingakabi wumfundisi, kanti kuzothi usukhonjiswa kwithelevishini, ngibe sengiwumfundisi yize ngingabonanga phutha ekulingiseni kwami kuwona ngoba nami ngiyiciko njengawo wonke amaciko.”

Uqhube ngokugxibha labo abathi uvume ukulingisa le ndawo ngoba eqhutshwa wuthando lwemali, wathi vele uyayithanda imali futhi akukho phutha kulokho ngoba wonke umuntu uphilela yona.

“Bengikulindele ukuthi lesi siqephu sizongifaka ekukhulumeni; kodwa-ke sesidlulile manje, ngicela nixole bese niqhubeka nokuthokozela lo mdlalo, angisafune muntu ozolokhu ephawula ngakubone ngikwenza kuwona,” kubhala uThinah kwiFacebook.

Khonamanjalo uThinah izinto zimhambela kahle emculweni kulandela ukuthi indodana yakhe uNdumiso iqophe umlando, iba wumculi wokuqala omncane kakhulu ukuqokwa kumaCrown Gospel Music Awards asebuya ihlandla lesi-16 kulo nyaka.

UNdumiso (10) uqokwe eminxeni emibili; oweBest Newcomer noweBest Collaboration ngengoma ayishaya noyise ethi Akasoze Akulahle.

AmaCrown asungulwa wuZanele Mbokazi, abejwayele ukwenziwa e-ICC, eThekwini, ashaya ngonyawo olusha kulo nyaka njengoba ezoba seFNB Stadium, eGoli mhla ka-26 Novemba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *