UGubhela ukhuza ukungezwani kwemindeni nezihlobo
IMBONGI yezinkondlo zesiZulu uGubhela uthi ukumonelana nokungahoshelani kwemindeni, kwenze wakhipha inkondlo ethi Ekhaya; ukuzama ukulwisana naleyo nkinga emphakathini.

UGubhela ogama lakhe lokuzalwa wuNduduzo Mkhize, waseMgungundlovu, KwaZulu-Natal, ukhiphe le nkondlo izolo, kanti kuyona uhambisana nomzwilili waseMlazi uMandisa Cebekhulu.
Elanda ngayo (le nkondlo) uthe uyiciko elingathandi ukubhala nganoma yini esemgangathweni ngaleso sikhathi, kodwa uyaye abheke izimo ezithinta abantu abaningi ukwedlulisa umyalezo ozoba nomehluko empilweni yabo ngazo.
Uthi: “Ngibone kukuhle ukubhala ngalesi simo ikakhulu ngoba bese kukaningi ngiqaphela ukuthi emizini eminingi abantu abezwani kangangokuthi abanye bagcina bengasakhulumisani imbala ngenxa yezizathu ezahlukene eziholela kulokho.”

“KokwaMandisa; ngingathi wukusebenza naye isikhathi eside phambilini okwenze ngasebenza naye nakule nkondlo nokuthi isimo engibhale ngaso kuyona siyamthinta ndlelathize,” kusho uGubhela.
Ngaphambi kwale nkondlo uGubhela ubesanda kukhipha enye inkondlo ethi Angisalali Ebusuku, ngo-Agasti, ayishaya noCebie Shwazile, uMbali Malimela, uNqobile Gcaba, uSindiswa Zulu, uZanele Khoza, uZion Vilakazi noMandisa Cebekhulu.
“Leya nkondlo yangifikela ngesikhathi lapho amaciko amaningi ezibulala, amanye ebhekene nezimo ezinzima. Iyindlela yokubhoboka ngezimo ezahlukene okwakungenzeka ukuthi ozakwethu babebhekene nazo ngaleso sikhathi, ngoba ungazitshela ukuthi umuntu uyaphila kanti kuningi okumhluphayo buthule.”
“Ngaphandle kwalokho, kunenye futhi (inkondlo) engizoyikhipha kungekudala nezimbongi zabesilisa kuphela, bese ngiqhubeka nokusebenzela ukuvusa kabusha igama lami kwezobuciko ukuze ngingalibaleki ebantwini,” kuphetha uGubhela.