Friday, November 8, 2024
Ezosaziwayo

UZoe noSamthing Soweto bazogubha inyanga yomculo waseMzansi eThekwini

UMCULI we-jazz uZoe Modiga nesithandwa sabalandeli be-afro pop uSamthing Soweto, bahlela i-The Future Is Now, umcimbi wedili lomculo wokugubha u-Okthoba – inyanga yokuqhakambisa umculo waseNingizimu Afrika.

Lo mcimbi ohlelwa yiBanda Banda Agency, nokuzobe kungokokuqala ukuthi lamaciko anandise ndawonye esiteji kuwona, uzoba sePlayhouse Theatre, eThekwini, ngoMgqibelo kamhla ka-28 Okthoba, ngo-7 kusihlwa.

UMCULI we-jazz uZoe Modiga. Isithombe: Sithunyelwe

Echaza ngokwenze bahlanganisa lo mcimbi, uZoe ongowokuzalwa eThekwini kodwa wakhulela eMgungundlovu, uthe umcabango wawo ufike noBanda wenkampani ewuhlelayo.

Uthi: “Emva kwempumelelo yochungechunge lwemicimbi engiyenze eThekwini iCos Cos Tour ngenyanga edlule, uBanda wangicebisa ukuthi ngenze omunye umcimbi ngokuhlanganyela noSamthing Soweto, nangempela kwaba njalo.”

USAMTHING Soweto. Isithombe: Facebook

“Sesiwuhlela sibone ukuthi asikho isikhathi esihle sokuwenza ukwedlula manje, futhi ngijabule kakhulu ngawo ngoba ngiyazi ukuthi sizokwenza into yamehlo nengasophinde ilibaleke ebantwini abathanda umculo wethu,” kuchaza uZoe.

Womabili lamaciko awawona amavukana endimeni yezomculo futhi imisebenzi yawo iyazikhulumela.

UZoe ogama lakhe lokuzalwa wuPalesa Modiga, usezakhele igama emculweni, wanandisa ezindaweni ezahlukene nasemazweni omhlaba. Usebenze nenqwaba yamaciko okukhona kuwo iLadysmith Black Mambazo, wuThandiswa Mazwai, wuSimphiwe Dana, wu-Abigal Kubeka nabanye.

USamthing Soweto ogama lakhe lokuzalwa wuSamkelo Mdolomba, iningi limazi ngokuthi ungomunye wabasunguli beqembu elidumile le-acapella i-The Soil, kanti uzakhele igama ngezingoma okukhona okuzo ethi Akulaleki, iLotto nethi Akanamali apikwe kuyo wuSun-El Musician.

Amathikithi e-The Future Is Now abiza uR300 eWebtickets nasePick n’ Pay.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *