Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

Uzoshiya ‘umaka’ ezinhlizweni zabathandi bomculo baseKZN

UMCULI womculo okusetshenziswa kuwo ubuciko benhlanganisela yezinsimbi nephimbo ukuxoxa indaba, obizwa nge-folk, uJabulile Majola uzojabulisa abathandi bomculo wakhe emcimbini azowenza okokuqala ngqa KwaZulu-Natal.

UJabulile (okuyigama likanina) waseGreytown kodwa osezinze eKapa, ogama lakhe lokuzalwa wuJabulani, uzokwenza lo mcimbi e-The Breakfast Room, eThekwini ngoLwesihlanu lwamhla ka-27 Okthoba, ngo-7:30 ebusuku.

UMBHALI wezincwadi nembongi yezinkondlo zesiZulu uSindiswa Zulu. Isithombe: Sithunyelwe

Ngokusho kwembongi nombhali uSindiswa Zulu we-Afrikazania Ink ehlela lo mcimbi, uJabulile ufuna ukuqinisekisa ukuthi ngalo mcimbi ushiya ‘umaka’ ezinhlizweni zabathandi bomculo baseKZN, ikakhulu ngoba ujwayele ukunandisa kwezinye izifundazwe nasemazweni omhlaba; akukaze kuqondane ukuthi ‘anandise ekhaya’.

“Okwenza ajabule kakhulu ngalo mcimbi wukuthi uvame ukucula ezindaweni ezigcwele abelungu nabantu abakhuluma isiNgisi, abangaqondi ukuthi uthini – abajatshuliswa wubumnandi bezinsimbi zomculo wakhe kuphela ngoba yena ucula ngesiZulu,” kusho uSindiswa ongumbhali wencwadi yezinkondlo zesiZulu esihloko sithi Mayine.

IMBONGI yezinkondlo zesiZulu uMbali Malimela. Isithombe: Sithunyelwe

Eqhuba uthe kulo mcimbi uJabulile akazukunandisa yedwa kuphela, kepha uzophekezelwa yizimbongi – okuwuyena uqobo (uSindiswa) noMbali Malimela wodumo lwenkondlo ethi Isibeletho.

Uthi: “Lokho sikwenze ngenxa yokuthi indlela abhala nacula ngayo inobunkondlo phakathi, ngakho izinkondlo zihambisana kakhulu nendlela acikoza ngayo – lokho okufakazelwa ngenye yezingoma zakhe ethi Inyoni Yami, ankondloza kakhulu kuyona.”

Uphinde waveza ukuthi uze uhlela lo mcimbi nje, waze ngoJabulile ngenye yezimbongi uSmartBlack Mampondo owamlalelisa umculo wakhe, kanti uzowuthanda, wagcina efisa nokuthi ake azonandisa eThekwini ngelinye Ilanga.

“Umbono wami wagcina ufinyelele kuyena (uJabulile), kwaqondana kahle ngoba naye ubevele efisa ukuza eThekwini. Kudlule izinyanga ezimbili, ngase ngithintwa wothile owangixhumanisa naye, saqala ukuhlela umcimbi esaseGermany ngaleso sikhathi, okuthe angabuya saqedela konke ngawo njengoba sizowenza manje,” kuchaza uSindiswa.

Amathikithi okubuka umcimbi kaJabulile aseqalile ukudayisa ngoR150 eQuicket.