UBig Zulu uvikela uLwah kwabamfaka empini kaKhuzani noMthandeni
UMREPHA uBig Zulu usevikele umculi we-afro pop uLwah Ndlunkulu olakeni lwabalandeli bezithandwa zabaculi boMaskandi, oKhuzani ‘Indlamlenze’ Mpungose nembangi yakhe enkulu uMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele.
Lokhu kuza emva kokuthi kube nabalandeli abagxibhe uLwah Ndlunkulu wodumo lwengoma ethi Ithuba, ngokuthi ucheme noMthandeni ngoba nakhu eshaye naye ingoma ethi Paris esilalelwe ngabantu abangaphezu kwa-4 million kwi-YouTube.
Khona lapho futhi kube khona abalandeli bomculo okusolakala ukuthi ngabaMthandeni, abachaphe ngenhlamba uLwah Ndlunkulu, kulandela ukuthi eqophe i-video wayifaka kwi-TikTok, kuyona abonakala edansela ingoma kaKhuzani ethi Umjolo Lowo ayishaya noLuve Dubazane, nasanda kuqopha ngayo umlando emculweni – ibukwa ngabantu abawu-1 million isanezinsuku ezimbili kuphela iphumile.
UBig Zulu ongumnikazi weNkabi Records okusayine kuyo uLwah Ndlunkulu, ubhale kwiFacebook izolo ebusuku, evikela le ntokazi kulabo abayigxekayo, ekhuza ukuthi bangayifaki empini yalaba baculi abayizithandwa zabalandeli bomculo wesintu.
Uthe: “Mabhinca uLwah Ndlunkulu yingane engenankinga namuntu, ezithandela uMaskandi ngoba ikhule ngawo futhi iwumlandeli nomthandi womculo kaKhuzani noMthandeni, kodwa akangene empini yabo bobabili ngakho ningamfaki kuyona.”
“Ngavuma ukuthi ashaye ingoma noMthandeni ngoba singenankinga naye futhi siliqonda ibhizinisi lomculo ukuthi lisebenza kanjani, ngakho akungathi uma uLwah Ndlunkulu egidela ingoma kaKhuzani, bese nimchapha ngenhlamba,” kukhuza uBig Zulu.