Kuzogqama amandla ‘embokodo’ kwiMother Of All
UMDLALO omusha wethelevishini ozokhonjiswa esiteshini se-etv se-internet i-eVod, iMother of All izogqamisa amandla abantu besifazane nokuthi bangenza noma yini ukwenza nokuthola abakufunayo.
Lokho kudalulwe ngomunye wabalingisi abaphambili balo mdlalo ozoqala ukukhonjiswa ngoLwesibili, uBrian Khumalo oveze ukuthi ukholwa wukuthi ababukeli kuningi okuhle nokuzobavula amehlo abazokufunda kuwona uma usukhonjiswa.
Echaza ngendawo ayilingisa kuwona, uBrian (27) waseJolivet oGwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natali, uthe udlala indawo ka-Irvin oyindodana kaJuke Zaxa (odlalwa wuBuyile Mdladla) wodumo lukaMabhena kwiGenerations.
“U-Irvin wumfana okhule etotoswa ekhaya futhi enzelwa yonke into nguyise, kodwa inkinga yakhe wukuthi uthanda ubumnandi futhi ucwile kakhulu ezidakamizweni,” kuchaza uBrian olingisa nakwi-Adulting ekhonjiswa kwiShowmax.
Ingqikithi yeMother of All ephrojuswe yiFinal Chapter Productions kaZuko Nodada, ingoNolwazi ‘uNono’ Mtshali olingiswa wuZenande Mfenyana; intokazi eyayiyiphoyisa ekade iboshiwe, ephuma ejele isifuna ukuba wumuntu ongcono.
“Konke konakala ngenkathi isigebengu sendawo sibulala umkhenywana wendodakazi yakhe, bese sisulela ngayo ukuze kube sengathi yiyo embulele. Yilapho uNono aphoqeleka khona ukuba nonya kanjengoba ayenjalo esasejele,” kuchaza isitatimende se-etv.
Abanye abalingisa baphambili kulo mdlalo oneziqephu eziwu-10 oqoshelwe KwaMashu naseThekwini – ngoLynn Nelisa Willem, uThami Africa, uCabangile Gumede, uThandeka Nodada noKoobeshin Naidoo.