Friday, July 12, 2024
Ezosaziwayo

Indlamlenze iqophe umlando kabusha ngengoma yomjolo

ISITHANDWA sabalandeli bomculo wesintu uKhuzani ‘Indlamlenze’ Mpungose useqophe umlando kabusha, eba wumculi wokuqala emlandweni woMaskandi ukuba nengoma elalelwe ngabantu abawu-1 million kwi-YouTube isanezinsuku ezimbili kuphela iphumile.

ISITHANDWA somculi woMaskandi uKhuzani uqophe umlando ngengoma yakhe ethi Umjolo Lowo esilalelwe ngabantu abawu-1 million kwi-YouTube isanezinsuku ezimbili kuphela iphumile. Isithombe: Facebook

UKhuzani odabuka eMandaba, eNkandla, eNyakatho yeKwaZulu-Natal, uqophe lo mlando izolo kusihlwa ngengoma ethi Umjolo Lowo ayishaya noLuve Dubazane ayikhiphe ngoLwesine ebusuku.

Kwenzeka lokhu nje, bekukade kume umlando obuqoshwe yimbangi yakhe enkulu uMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele, ngengoma yakhe ethi iParis ayishaya noLwah Ndlunkulu, eyalalelwa ngabantu abawu-1 million inezinsuku eziwu-12 iphumile ngo-Agasti. Le ngoma ilele kuma-views angaphezu kwa-4 million okwamanje.

Kushone elayizolo isilalelwe ngabantu abawu-1 million kwi-YouTube ingoma kaKhuzani ethi Umjolo Lowo apike kuyo uLuve Dubazane. Isithombe: YouTube

Emva kwalo mlando, uKhuzani unikele enkundleni yokuxhumana iFacebook, wabonga kubalandeli bakhe ngento enhle abamenzele yona.

“Lona ngumlando ongakaze wenzeke phambilini. Ukungeseka kwenu yikho okungithathe ngingelutho, kwangibeka la engikhona manje. Ngiswele amazwi anele nemilomo eyizinkulungwane ukunibonga ngokuphelele ngalokhu,” kubonga uKhuzani.

Khonamanjalo, lo mculi wodumo lwengoma ethi Ijele nayo ayishaya noLuve Dubazane, usanda kumemezela ukuthi i-albhamu yakhe entsha yakulo nyaka, ezolama ephume ngonyaka odlule ethi Umqhele Nethawula, uzoyikhipha mhla ka-1 Disemba.

Ngaphambi kwalokho, uzokwenza umcimbi wakhe waminyaka yonke osubuya ihlandla lesibili kulo nyaka, iGcwalisa Spring Picnic, ozoba seHollywoodbets King’s Park Stadium, eThekwini, mhla ka-4 Novemba ngo-12 emini.

Phakathi kwabaculi abazonandisa kwiGcwalisa, kwabaMaskandi kukhona uNtencane, wuMenzi, uFalabo, uGatsheni, Inkosi Yamagcokama, Imfez’ Emnyama, uDumakahle, uSkweletu, uThokazani Langa, uShwi, uLimit, uSminofu, Imithente, Indoni noMzukulu.

Kwabeminye imikhakha kuzonandisa uDJ Maphorisa, uKabza De Small, uBig Zulu, uDaliwonga, uDumi Mkokstad, uJumbo, u-Ayanda Ntanzi, uYoung Stunna, uThinah Zungu, uCassper Nyovest, uKamo Mphela, uLwah Ndlunkulu neBlaq Diamond.

Uhlelo lomcimbi luyobe luphethwe wuSizwe Mdlalose, wuZulu Glamour nabasakazi boKhozi FM oTshathugodo, wuNjinji, wuBeekay, wuMdonso noZimdollar.

Amathikithi alo mcimbi oxhaswe wuMasipala waseThekwini, yiNational Arts Council, yiShield, yiProvintage, Ukhozi FM, i-1KZNTV neStandard Bank – abiza uR250 iGeneral noR1 500 iVIP eComputicket, eSpar, eTicketPro, ePayZone naseShoprite.