Ezosaziwayo

UNontokozo nengoma yama-piano efakazela iLu Strong

UMCULI we-soul uNontokozo Mkhize uthi ingoma yakhe noMhaw Keys ethi Ungowami, inomyalezo oqhubeka lapho agcina khona kwi-single yakhe yokuqala ephume ngoMeyi ethi Lu Strong ayishaya noNomfundo Moh.

UMHAW Keys noNontokozo Mkhize bazokhipha ingoma ethi Ungowami. Isithombe: Sithunyelwe

Echaza ngale ngoma ezophuma ngoLwesihlanu oluzayo, uNontokozo (24) waseNanda, uthe yena nemenenja yakhe uMpilo Manyathi, bebevele behlela ukuthi enze ingoma enesigqi sama-piano, ezodansisa abantu njengoba sekusondele amaholidi kaDisemba.

“Kuthe siseGoli ngo-Agasti, wangithumelela ama-beat amabili ukuthi ngibhale, bese ngicula kuwona – nangempela kwaba njalo, wase ewathatha esenephimbo lami, wawathumela kuMhaw Keys, yena othande le ethi Ungowami kuwona njengoba sizoyikhipha manje,” kuchaza uNontokozo.

Le ntokazi egqame emculweni ngengoma kaSjava ethi Thixo, ithi akusiyo inhloso yayo ukubhala izingoma zothando kuphela, kepha wukuthanda ukuthulula okungaphakathi kuyona ngaleso sikhathi okwenza ikhiphe zona kuphela okwamanje.

Ithi: “Nakule (ngoma) ngikhuluma ngomuzwa engiwuzwayo ngomuntu osenhlizweni yami njengoba ngangenzile kwingoma yami yokuqala ngichaza ukuthi uthando lwami naye lunamandla kangakanani, nakhu manje kule ngizoqinisekisa ukuthi Ungowami. Nokho ngifuna ukucacisa ukuthi ngaphandle kwalezi zingoma zothando, zikhona ezinye esengizenzile nengisazozenza ezikhuluma ngezinto nezimo ezahlukene.”

UNontokozo owenza izifundo zobuciko eKCAP, KwaMashu, uveze ukuthi okuningi kwezomculo nobuciko jijelele ukuhlelela unyaka ozayo ngenxa yokuxinwa wumsebenzi wesikole kulo nyaka.

“Sihlela ukuthi umculo omningi ngiwukhiphe ngonyaka ozayo ngoba ngizobe sengiqedile ngesikole esenze ngangakwazi ukugxila kuwona ngokuphelele kulo nyaka. Nalezi zingoma engigcine ngisebenza kuzona kulo nyaka bengingakuhlelanga ukuthi kwenzeke, kuzenzakalele ngendlela yakho kodwa ngonyaka ozayo ngizokwazi ukujabulisa abantu ngomculo ngokukhululeka,” kuphetha yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *