Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

Uzobuyisa ithemba kwababhinjelwa yizinto empilweni

UKUQONDA ubunzima obubhekana nabantu, kuze kwenze abanye babo baphonse ithawula ngoba bengalungelwa yilutho empilweni, ngesinye sezizathu ezenze imbongi yezinkondlo zesiZulu uLuyanda EM wahlanganisa i-extended play (EP) edidiyele izinkondlo afuna ukubuyisa ngazo ithemba ebantwini.

UMBHALI nembongi yezinkondlo zesiZulu uLuyanda EM. Isithombe: Sithunyelwe

ULuyanda EM (22) ogama lakhe lokuzalwa wuLuyanda Mlotshwa, odabuka eMvoti kodwa manje osezinze eThekwini, ukhiphe le EP esihloko sithi Imiyezane ngesonto eledlule.

“Ngalezi zinkondlo eziyisithupha ngizodlulisa umyalezo wokuthi noma ngabe kunzima kangakanani empilweni, ungalilahli ithemba yingakho kuthi noma ngikhuluma ngobunzima bezimo zempilo kwezinye izinkondlo ezikuyona, kepha akusali ngaphandle ukuthi yize kunjalo – siyeza isikhathi lapho izinto zizolunga khona,” kuchaza uLuyanda EM.

I-COVER ye-EP yembongi yezinkondlo zesiZulu uLuyanda EM. Isithombe: Sithunyelwe

Eqhuba uthe okunye akuqikelele kulo msebenzi aqale ukuwuqopha ngoJanuwari, wukuthi azisali ngaphandle izinkondlo azakhele ngazo ugazi kubathandi bobuciko okungezithi ‘Kukwasidlodlo,’ ‘Konke Kunesikhathi Sakho’ nethi ‘Ungibuzele’ apike kuyona uBanele MaZulu.

“Lokho ngikwenze ngoba ngifuna ukuthi wonke umuntu othanda umsebenzi wami agculiseke, ngengeza nezintsha engikholwa wukuthi umyalezo oqukethwe yizo zonke uzofika kahle ebantwini,” usho kanje.

Ephetha uthe ukukhula komsebenzi awenzayo osumwinele inqwaba yemincintiswano, wenza wanandisa emicimbini eyahlukene waphinde kwamvulela iminyango endimeni – ngezinye zezizathu ezimkhuthaze ukukhipha lo msebenzi.

“Bese kuyisikhathi eside ngingabaza ukuwenza ngoba ngizibona ngingakakulungeli, kepha ngijabule ngokuthi manje usuphumile, kanti manje ngibheke ukuwusabalalisa ebantwini ugcine usudlalwa emisakazweni, ukhonjiswe nakwithelevishini uma sengiqophe ama-video engxenye yezinkondlo ezikuwona,” kuphetha uLuyanda EM.

5 thoughts on “Uzobuyisa ithemba kwababhinjelwa yizinto empilweni

  • izinkondlo ziyaphilisa nakuthina ababhali bazo….umdlalo omuhle mawuqhubeke……

    Reply
  • Wow, awesome weblog format! How long have you ever been blogging for?
    you make running a blog glance easy. The overall look of
    your web site is fantastic, as smartly as the content!
    You can see similar: najlepszy sklep and here sklep

    Reply
  • I like what you guys are up too. Such clever work and reporting!
    Keep up the wonderful works guys I’ve added you guys to blogroll.
    I saw similar here: e-commerce and also here: dobry sklep

    Reply
  • Hi! I’m at work browsing your blog from my new iphone 3gs!

    Just wanted to say I love reading through your blog and look forward to all your posts!

    Keep up the excellent work! I saw similar here: Ecommerce

    Reply

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *