Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

Uzohluba udlubu ekhasini ngezimo ezibhekana nabesifazane

UBUNZIMA nezimo ezahlukene ezibhekana nabantu besifazane ngenye yezinto ezizogqama emcimbini wobuciko obizwa ngeConversing Kingdoms: One Woman Poetry Show ozoba seMsunduzi – Voortrekker Museum, eMgungundlovu ngo-Okthoba 21.

UMBHALI nembongi yezinkondlo zesiNgisi nesiZulu uLuleka Mhlanzi. Isithombe: Dabrian Photography

Umhleli walo mcimbi, umbhali nembongi yezinkondlo zesiNgisi nesiZulu uLuleka Mhlanzi wakhona eMgungundlovu; uthe ubude besikhathi asebe kuso kulo mkhakha kwenze wazibona esekulungele ukuhlanganisa abantu, abajabulise ngezinkondlo ezinomyalezo.

“Sengineminyaka ewu-15 ngibhala, ngihaya izinkondlo – engicabanga ukuthi manje yisikhathi esihle sokujabulisa abathandi bobiciko bami ngomcimbi lapho ngizonandisa bukhoma izinkondlo zami ezahlukene ngosuku olulodwa.

“Emcimbini ngizohaya izinkondlo ezikhuluma ngezimo nezinkinga ezithinta abantu besifazane, ngiphinde ngiqhulule nezinye ezizothinta wonke umuntu; kungakhathalekile ukuthi ungowesifazane noma owesilisa ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyagculiseka,” kuchaza uLuleka.

Leli ciko elinezincwadi eziwu-14 okushicilelwe kuzo imisebenzi yalo yobunkondlo kubalwa nencwadi eyibhale ngayedwana ethi Confiscated Identity, liveze ukuthi emcimbini lizohambisana ne-band yabantu abayisikhombisa; abahlanu bezinsimbi nababili abaculayo.

“Okunye engizokugqamisa ngezinkondlo engizozihaya emcimbi wukuthi emhlabeni siyadingana, ngikhuthaze ukubambisana singabantu ukuze siye phambili empilweni,” usho kanje.

ULuleka (30) akamusha ezinkondlweni njengoba esehaye kwinqwaba yemicimbi kuleli zwe nakwamanye amazwe kubalwa iPoetry Africa, i-Artfluence, iRamsgate Book and Arts Festival, i-7th Annual African Women Writer’s Symposium, iPoets You Should Know ne-The New Your City Poetry Festival.

Ephetha uthe emva kwalo mcimbi uzodedela inkondlo yakhe yokuqala eqoshiwe esihloko sithi Closure apike kuyo u-Ice Ingwenya okunguye futhi oyiphrojusile.

Amathikithi omcimbi wakhe oxhaswe yiNational Arts Council, atholakala ngoR100 eWebtickets; kanti umcimbi uyoqala ngo-12 emini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *