Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

Owama-piano uzothulula akucabanga ngomculo kwi-albhamu

UPHROJUSA ophinde adlale isiginci ezingomeni zabaculi abaningi abashaya i-piano, uSipho Magudulela uthi konke kumi ngomumo nge-My Thoughts in Song, i-albhamu yakhe yokuqala athi uzothulula kuyo akucabanga ngomculo nokuthi ngokwakhe kumele ube njani futhi uzwakale kanjani ebantwini.

UPHROJUSA wama-piano nomshayi wesiginci uSipho Magudulela. Isithombe: Facebook

USipho ongowokuzalwa eMbalenhle, eSecunda, eMpumalanga, uthi bese kuyisikhathi eside enalesi sihloko emqondweni, kepha engafuni ukujaha ukukhipha i-albhamu azoyiqamba ngaso, kube kusanezinto eziningi angakaziqondi ngomculo.

“Besilokhu sisemqondweni wami kusukela ngo-2009 ngisagxile kakhulu kwi-afro jazz ngaleso sikhathi, okuthe sengipheka le albhamu ngabona kuyisikhathi esihle sokuyiqamba ngaso ngoba izingoma engizididiyele kuyo zisichaza ngqo,” kusho uSipho.

Uveze ukuthi yize ziyinqwaba izingoma aseziqophile, kodwa wenze ngamabomu ukuthi i-My Thoughts in Song ethathe izinyanga eziyisithupha ukuyihlanganisa, ididiyele izingoma eziyisishiyagalolunye kuphela.

Uthi: “Lokho ngikwenze ngoba ngifuna ukuthi uma abantu sebeyilalele bayijabulele, futhi basheshe bakulangazelele ukuthi ngibanike umculo omusha ngokushesha.”

Kule albhamu ezoqala ukutholakala ezitolo zomculo ngo-Okthoba 6, upike amaciko okukhona kuwo uRussell Zuma, uJessica LM, uYumbs, u-Omit ST, uFrank Mabeat, uZe2, uSoa Mattrix neMurumba Pitch ukukha nje phezulu.

“Okwamanje ngizogxila ekusabalaliseni le albhamu, ngibe ngiqhubeka ngididiyela umculo engizowukhipha ngonyaka ozayo njengoba ngivele ngihlela ukukhipha i-EP yezingoma zothando ngoFebhuwari ukwelapha izinhliziyo nemimoya yabantu ngomculo,” kuphetha uSipho.

Ekuqaleni kwalo nyaka uSipho ukhiphe i-EP yakhe yokuqala ethi The Heart of Music, kanti manje ingoma yakhe andlalele ngayo i-albhamu, ethi Dali apike kuyona uRussell Zuma, uJessica LM noFrank Mabeat, ihlanyisa abantu ezindaweni zobumnandi futhi iyadlalwa nasemisakazweni.

One thought on “Owama-piano uzothulula akucabanga ngomculo kwi-albhamu

  • Heya i’m for the first time here. I found this board and I in finding It really helpful & it helped me out a lot. I hope to give something again and help others like you aided me.

    Reply

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *