Ezosomabhizinisi

Kuntwela ezansi koqale ibhizinisi egwema ukuvaleka

NGENXA yendlala yamathuba omsebenzi ngisho kwabawufundele, kuthe engaphothula izifundo zomkhakha wokulingisa eDurban University of Technology ngo-2019, wazihlupha ngokuthi yini angayenza ukuziphilisa esalinde ukuthola umsebenzi.

UMSUNGULI we-The Joy-Arta by MaDlaba uNksz uThembelihle Shezi. Isithombe; Sithunyelwe

Yingaleso sizathu uNksz uThembelihle Shezi wasungula i-The Joy-Arta by MaDlaba, inkampani yebhizinisi lokupheka izinhlobo zokudla ezinze eThekwini, ngo-2021, kanti izovele ichume ngendlela abengayilindele.

UNksz Shezi (26) waseNsimbini, esigodini iPholasi, eMbumbulu, ogwini oluseNingizimu yeTheku, uthi namanje akakholwa yindlela ibhizinisi lakhe elikhula ngayo.

“Kuyangimangaza ukuthi yimi lo odlondlobala kangaka kwezamabhizinisi, loko ngikusho ngoba ibhizinisi lokupheka kwakuyinto yesibili esemqondweni wami ngoba ngangifuna ukugxila kwezokulingisa nobuciko jikelele.

“Ngendlela okuhamba kahle ngayo, kuthi ngisho ngihlangana nabantu emicimbini yobuciko, bangibuze ngebhizinisi lami, bebodwa ababuza ukuthi ngizobaphekela nini, abanye bencoma ubumnandi bokudla engake ngabaphekela kona,” kuchaza uNksz Shezi ophinde abe yimbongi yezinkondlo zesiZulu.

Le ntokazi engomunye wosomabhizinisi abaqokwe emkhakheni obizwa ngeWomen in Tourism kumaSebenza Women Awards azobe enziwa ihlandla lesihlanu kulo nyaka, ithi kwakhona ukuqokwa kwayo lapho kuwuphawu lokuthi umsebenzi ewenzayo uyabonakala ebantwini.

“Ngiyakhumbula ukuthi ngangifake isicelo sokungenela kwi-Inspiring Women ngoba ngiyenqena eminye imikhakha, kanti bazovele bangifake kulona ngenxa yomehluko engiwenza ngebhizinisi lami nezinhlelo engizenzayo zokuhambela izindawo ezahlukene ngikhuthaza abantu abasha ukukhuthalela ukusebenzisa amakhono abo ukuziphilisa.

“Konke lokhu kukhombisa ukuthi kunento enhle engiyenzayo emphakathini, futhi ngizimisele ukuqhubeka nokukhuthaza abeza ngemuva ukuthi bangenqeni ukuthuntutha amathalente abo ukuze baziphilise, bese ngiqhubeka nokupheka ukudla ngendlela ezokwenza ngihlale ngehlukile kwengincintisana nabo,” kuphetha uNksz Shezi.

Umcimbi wokuklomelisa abanqobile kumaSebenza Women Awards uzoba ngo-Okthoba 6, e-ICC, eThekwini ngo-6 ntambama – kanti kuwona kungena abamenyiwe kuphela.

One thought on “Kuntwela ezansi koqale ibhizinisi egwema ukuvaleka

  • Usually I do not read post on blogs, however I wish to say that this write-up very forced me to take a look at and do it! Your writing style has been amazed me. Thank you, quite nice post.

    Reply

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *