Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

Babonga uthando lwabalandeli nge-EP yamanoni othando

OPHROJUSA bomculo ama-piano uGaba Cannal noGeorge Lesley bathi uthando abalunikwa ngabathandi bomculo wabo, yilo olwenze bakhipha i-extended playlist (i-EP) yezingoma zothando zodwa esihloko sithi Kwantliziyo Ngise.

ISITHOMBE se-cover ye-EP kaGaba Cannal, wuGeorge Lesley noRussell Zuma ethi Kwantliziyo Ngise. Isithombe: Sithunyelwe

Exoxa noMaka Magazine ngale EP enezingoma ezine ephume namhlanje, uGaba Cannal uthe okwenze bayikhipha yindlela abesekwa ngayo ngabalandeli babo, ikakhulu indlela abemukele ngayo ingoma yabo ethi Healer Ntliziyo Yami ephume ngonyaka odlule, abapike kuyo uRussell Zuma abaphinde bampika kuzona zonke lezi zingoma ze-EP.

“Indlela eyenza kahle ngayo le ngoma (i-Healer Ntliziyo Yami) isijabulise kakhulu, yasikhathaza ukuhlangana sisebenze ndawonye ukuze siqhubeke nokubanika umculo omnandi,” kusho uGaba Cannal.

KUSUKELA kwesokunxele wuGaba Cannal, uRussell Zuma noGeorge Lesley abakhiphe i-EP ethi Kwantliziyo Ngise. Isithombe: Sithunyelwe

Eqhuba uthe bayakuqonda ukuthi abantu abasenaso isikhathi sokulalela ama-albhamu anezingoma eziningi, yingakho benqume ukuthi iKwantliziyo Ngise ibe nezingoma ezine kuphela.

“Abantu sebelalela umculo ngendlela ehlukile manje, abasakuthokozeli ukulalela amacwecwe anenqwaba yezingoma; izingoma ezine noma ezinhlanu yizona okwazi ukubadoba ngazo, futhi zibanika isikhathi sokulalelisisa izinhlamvu, yizinsimbi nakho konke okwenza ingoma ibe mnandi,” kuchaza uGaba Cannal.

IKwantliziyo Ngise igabe ngezingoma ezithi Kulula, Yimpi Lena, Uthando Lwakho nethi Eduze abendlalele ngayo le EP emasontweni amabili adlule.

Ngaphandle kweHealer Ntliziyo Yami, uGaba Cannal ogama lakhe lokuzalwa wuKhaka Yena, waziwa ngamanoni athi Indaba Zabantu, Amaphutha neXhosa Whistle.

UGeorge Lesley ophinde abe yilungu leqembu i-Artwork Sounds abambisene kuyona noSoultronixx, waziwa ngeBlow My Mind, iSlip Away neWoza Moya.

URussell Zuma yena waziwa ngethi Angikaze, Emathandweni nethi Ingane Yabantu apikwe kuyona wuMalumnator.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *