U-Aymos noBassie nomucu ogxeka ubungonqo othandweni
ABACULI bomkhakha womculo ongeminye yethandwa kakhulu eNingizimu Afrika, ama-piano, u-Aymos noBassie bakhiphe ingoma esihloko sithi Izenzo, abathi bagqugquzela ngayo izithandani ukukhuthalela ukukhombisana uthando.

U-Aymos ogama lakhe lokuzalwa wuBabili Shili, exoxa noMaka Magazine ngale ngoma ephume ngo-Agasti 25, uthe yena noBassie ogama lakhe lokuzalwa wuBasetsana Maluleke, bebevele beqopha izingoma ngenhloso yokwenza i-extended playlist (i-EP) ndawonye.
“Ngaxhumana nemenenja yakhe uKombelani Khoza engicela ukuthi sihlanganise i-EP ndawonye, saqala ukuqopha izingoma ebesizokhetha kuzona ezizoba kwi-EP uma sigcina siyikhipha.

“Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi, ngabona ukuthi Izenzo yingoma emnandi nenomyalezo ozothinta abantu abaningi, savumelana ngokuthi siqale ngayo sibone ukuthi yenza kanjani ebantwini,” kuchaza u-Aymos.
Enaba ngomyalezo wale ngoma ephrojuswe wuT-Man SA, enezinhlamvu ezithi ‘umuntu okuthandayo umbona ngezenzo’ – uthe bagqugquela ukuthi ebudlelwaneni bothando kumele kujatshuliswane ngezinto ezinhle ukuze kuhlale kumnandi.
“Sigqugquzela ukuthi izithandani zikhuthale ukwenzelana izinto ezinhle nezimnandi ukuze ubudlelwano bothando buqine, umuntu angagcini ngokuthi uyakuthanda kuphela, kube kungekho akwenzayo ukukhombisa lokho,” kuchaza u-Aymos osanda kuklonyeliswa i-plague ye-platinum ngengoma yakhe ethi Fatela ayishaya no-Ami Faku.
Ngaphandle kweFatela, u-Aymos usanda kukhipha enye ingoma ethi Amandla apike kuyo uJessica LM, kanti emculweni ugqame ngengoma ethi Zaka kaMas Musiq nethi Emcimbini yeScorpion Kings.
UBassie wodumo lwengoma ethi Ngiyazifela ekwi-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Msholokazi, yena ugqame kwezomculo ngengoma yeMFR Souls ethi Bathandwa.
Awesome! Its genuinely amazing post, I have got much clear idea about from this article.