Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

Kuzoqhakanjiswa ubuciko base-Afrika emcimbini kaZawadi

UMCULI womculo oshaya ngesigqi sase-Afrika ophinde aziwe ngokucula amahubo avusa usinga, uZawadi Yamungu uthi unethemba lokuthi umcimbi wakhe osubuya ihlandla lesithathu kulo nyaka, i-The Past Meets The Future, uzosiza ukuqhakambisa ukubaluleka kobuciko base-Afrika nezinsimbi zomculo ezazisetshenziswa kudala ukwenza behluke kwezinye izinhlobo zobuciko.

UMCULI uZawadi Yamungu. Isithombe: Sithunyelwe

UZawadi (31) waselokishini iChappies, eMandeni, eNyakatho yeKwaZulu-Natal, ogama lakhe lokuzalwa wuNkosingiphile Mpanza, uzokwenza lo mcimbi ePlayhouse ngoLwesihlanu, ngo-6 ntambama, lapho azobe ehambisana khona namaciko emikhakha eyahlukene.

Echaza nge-The Past Meets The Future aqale ukuyenza eKCAP, KwaMashu ngo-2021 – uthe umcabango wayo wafika nomngani wakhe omkhulu uSindiswa Zulu, iciko elibhala lihaye izinkondlo ngesiZulu.

UMBHALI nembongi yezinkondlo zesiZulu uSindiswa Zulu. Isithombe: Sithunyelwe

“Sathi sixoxa ngelinye ilanga, wangicebisa ngokuthi ukwenza umcimbi lapho ngizobusisa khona abantu ngomculo bukhoma, kungasiza ukwandisa isibalo sabantu abangilandelayo, kuthuthukise nendlela enginandisa ngayo esiteji.

“Ngangingakunakile konke lokho mina, ngigxile ekunandiseni emicimbini eyahlukene engimenywa kuyona kuphela – ngokusizwa wuyena sahlela umcimbi, waba yimpumelelo, saphinde sawenza nangonyaka odlule njengoba sesibuya nawo futhi kulo nyaka,” kuchaza uZawadi.

Eqhuba uthe ngowalo nyaka uhlose ukugqamisa indlela okwakwenziwa ngayo umculo nobucijko jikelele kudala, ukusiza ukuvuselela izinsimbi zomculo ezazisetshenziswa emculweni eminyakeni edlule, ezingasanakiwe manje okukhona kuzona umakhweyana azobe ewudlala bukhoma esiteji.

Uthi: “Sizosebenzisa lezo zinsimbi zakudala nezisetshenziswa manje bese kuphuma ulozolo lomculo ozojatshulelwa ngabantu bonke.”

Ohlwini labazonandisa kukhona umculi wase-Eastern Cape uDumza Maswana, wuKerolin Govender ozobe ecula ngolimi isiHindu, wuHloniphaniArt odlala isiginci, wumzwilili uMandisa Cebekhulu, yimbongi nombhali wezincwadi uSindiswa Zulu, nezinkakha kwezomculo nobuciko oDkt uMadala Kunene noDkt uGcina Mhlophe.

Amathikithi e-The Past Meets The Future ayatholakala ngoR250 eWebtickets.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *