Uzime nekhwelo lokulwa nokungezwani kwabesifazane
INTOKAZI esencane esanda kukhala yemuka nesicoco somncintiswano wokumodela uMiss Mzansi Supreme 2023, ithi ifuna ukusebenzisa lesi sicoco ukwenza izithangami zokushumayela ivangeli lobunye nokulwa nokungezwani kubantu besifazane.

Lowo wuSwazi Shabangu waseMbali, eMgungundlovu – onqobe isicoco salo mncintiswano wokumodela obusubuya ihlandla lesibili kulo nyaka, obuwenzelwe ePavilion Hotel, eThekwini, ngoMgqibelo odlule.
USwazi (22) uthi kuyamkhathaza ukubona abantu besifazane bezondana bodwa emphakathini, abanye bengasekani ezintweni ezinhle abazenzayo – yingakho efuna ukwenza okusemandleni akhe ukunqoba le nkinga.
“Singabesifazane sibhekene nenkinga enkulu yokumonelana sodwa, abanye bethu kubathimulisa kabi ukubona omunye wesifazane ephumelela kwakwenzayo, yingakho ngifuna ukwenza izithangami zokubhunga ngokungenziwa ukuqeda lokho.
“Okunye futhi engizokwenza, wukuhambela izikole ngikhuluma ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane emphakathini esiphila kuwona ngoba kungenye yezinkinga ezinkulu esibhekene nazo ezweni,” kuchaza uSwazi.
Le ntokazi eqale ukumodela ngonyaka odlule kuMiss Petite Global South Africa, ithi nakuba izogxila kuleyo misebenzi unyaka wonke ngokwesivumelwano sayo noNksz u-Amile Khumalo wenhlangano engenzinzuzo iMiss Mzansi Supreme – kodwa indaba ayipheleli lapho njengoba kukuningi okunye esafuna ukukwenza ngokuqhubeka kwesikhathi.
“Ngonyaka ozayo ngizophinde ngingenele uMiss SA njengoba ngenzile kulo nyaka ngoba ngifuna ukugcina sengisezingeni eliphezulu lokumodela, okuzongisiza ukuzwakalisa ilaka lami lokuthi umkhakha wokumodela ugcine usuhlonishwa futhi uxhaswe njengeminye imikhakha ezweni,” kusho uSwazi.
Ngaphandle kokumodela uSwazi wenza unyaka wokuqala kwi-Information Technology, Computer Science and Robotics eMgungundlovu Tvet college, ophikweni oluseNorthdale, aphinde abe yinxusa lelebuli yezimpahla zokuzivocavoza Upendo.