Useyilungele inselelo entsha ozokwethula iDaily Thetha
INTOKAZI eyadla umhlanganiso kuMiss South Africa ngo-2021 uLalela Mswane uthi ukufikela ebantwini abazimisele nabazikhandlayo ngomsebenzi, kwenze kwaba lula ukujwayela umsebenzi wokwethula uhlelo lwakwiSABC 1 iDaily Thetha.

ULalela (26) odabuka eRichards Bay, eNyakatho yeKwaZulu-Natal, uzoqala ukubonakala kulolu hlelo lwezemfundo nezingxoxo ezakhayo kusukela ngenyanga ezayo, elwethula ngokubambisana noMxolisi Masango olwethulayo manje.
Exoxa noMaka Magazine ngokuthola kwakhe lo msebenzi, uthe usezilungele zonke izinselelo ezizohambisana nokusebenza ohlelweni lwaphakathi nezinsuku lwethelevishini, wathembisa ukuthi abantu bazobona abebengakwazi ngaye.
“Abantu abaningi bangaze ngoMiss SA, ngihlale ngiphendula imibuzo engibuzwa yona ngabezindaba – manje sebezobona into abebengayazi ngami njengoba sekuyimi ozobe ehlohla abantu ngemibuzo, ngidingida izihloko ezihlabahlosile ohlelweni, futhi ngijabule kakhulu ngalokho,” kuchaza uLalela.
Le ntokazi eyanqoba uMiss Supranational ngo-2022 futhi eneziqu zobumeli zase-University of Pretoria, iveze ukuthi indlela ethole ngayo lo msebenzi yenze yabona ukuthi bese kuyisikhathi sayo.
“Ngezwa ukuthi iDaily Thetha idinga umethuli wohlelo omusha, ngaya kwinhlolokhono ngasekuqaleni kwalo nyaka – baze bangithinta ocingweni ukuthi ngiwutholile umsebenzi ngenyanga edlule, kwaqondana ngehla esikhumulweni sezindiza ngiphuma ukuyoqedela ukwenza umsebenzi weMiss Supranational. Indlela okuqondane ngayo yenze ngabona ukuthi sekuyisikhathi sami,” kusho uLalela.
Ephetha uthe ngaphandle kweDaily Thetha, uzoqhubeka nomsebenzi awenza kwiLalela Foundation wokunikela emphakathini oswele ikakhulu ebantwini bangakubo.
I-Daily Thetha eyaqala ngo-2017 esikhaleni sohlelo iShift, ikhonjiswa kwiSABC 1 ngoMsombuluko kuya kuLwesine ngo-10:30 ekuseni, kanti phambilini ike yethulwa wuKini Shandu, wuTumelo Mothotoane, wuNicolette Mashile, wuMelody Miya noPearl Shongwe ongasekho emhlabeni.