Kuzoshuba zisuka emdlalweni omusha Icala
ISITESHI semidlalo yethelevishini esizimele iMzansi Magic isiveze ukuthi ababukeli bazobhema bakholwe uma sebebuka umdlalo omusha ozokhonjiswa kusona osihloko sithi Icala.
Izolo ntambama abeMzansi Magic bakhiphe isitatimende, beveza ukuthi umdlalo iMagaeng okhonjiswa ngoMsombuluko ngo-8 kusihlwa, isikhala sawo sizovalwa wumdlalo Icala ozoqala ukukhonjiswa ngo-Okthoba 9.
Umdlalo Icala obhalwe wuChris Q. Radebe, waphrojuswa yinkampani iMatch Point, uxoxa indaba yendoda ebudedengu nengathembekile, okuthi uma isisola ukuthi izofa, idalule imfihlo ebiyigodle isikhathi eside.
“Le ndoda igonyuluka kumkayo ukuthi yaphinga, yazalisa umngani wakhe. Indaba ishuba lapho-ke le ndoda isidalule le mfihlo, bese ingafi njengoba ibicabanga – kunalokho umkayo ubopha itulo lokuziphindesela kuyona nomngani wakhe owaphinga nayo,” kuchaza isitatimende.
Umqondisi wezinhlelo ezivutshelwe kuleli zwe kwaM-Net, uShirley Adonisi uthe kuyaziwa ukuthi ngeMsombuluko bahlale beza nemidlalo eshukumisa inkundla.
“Kodwa ngalona othi Icala, ababukeli abalindele izigameko ezizokwenza bazizwe ngezindlela ezahlukene.
“Lona wumdlalo oxoxa indaba ehlabahlosile nezokwenza ababukeli baphele yinsini kwezinye iziqephu, futhi siyethembisa ukuthi bazozithokozela zonke iziqephu zawo,” kusho uShirley.
Ngokuthola koMaka Magazine, Icala elineziqephu eziwu-13 – lakhelwe phezu kwaLerato Mvelase olingisa indawo kaMaShandu noBheki Sibiya olingisa indawo kaHlabangani.
Abanye abalingisi abazogqama kuwona ngoSannah Mchunu ozobe ewuMaNxumalo, wuKennedy Stab onguPhungula, wuVelile Makhoba onguNomvelo, wuWelile Khanyile onguNogwaja, wuSipho Manzini onguPastor Ntanzi, wuThuli Zulu onguMaNcwango no-Athie Cwele olingisa uMsizi.
Abanye babalingisi abaphambili balo mdlalo bale baphetha ukuphawula, bekhala ngokuthi abakavumeleki ukukhuluma ngawo kwabezindaba.